USIZWE ukukhulela elokishini uBrenda Mhlongo ukuze ayicangcathe kahle indawo kaNomafu kwi-The River ekhonjiswa kuMzansi Magic (161).
Lo mlingisi owashiya iLion King ngo-2012 ngoba esefuna ukugxila emidlalweni yethelevishini unconywe nxazonke ngethalente lakhe lokulingisa alikhombisa kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8 phakathi nezinsuku.
Elandisa leli phephandaba uBrenda uveze ukuthi kuyamjabulisa ukugcina edlala indawo enjengekaNomafu ngoba selokhu aqala ukuvela emidlalweni emikhulu yakuleli ubethola izindawo zabantu asebekhulile.
“Ngithanda yonke into ngaye. Selokhu ngafika kwithelevishini ngisuka eshashalazini bengilokhu ngidlala indawo yomama abathe ukukhula kunami. Ngiyaqala ukudlala indawo yomuntu olingana nami, futhi ogqoka ngendlela kaNomafu,” kusho uBrenda.
Uthe kufana nokuthi kufezeka isifiso sakhe seminyaka uma enconywa ngapha nangapha ngoba inhloso yakhe kwakuwukuthi abantu baseMzansi bawubone umsebenzi wakhe.
Phakathi kwemidlalo emikhulu aseke wabonakala kuyona uBrenda kubalwa Imbewu:The Seed neThe Queen.
Indawo kaNomafu Hlophe ikhuluma ngonkosikazi wesigebengu esibamba inkunzi izimoto ezithwala imali kanti uNomafu yimpilo angayijwayele eyobukhazikhazi.
UBrenda uveze ukuthi yize iThe River iqoshelwa eGoli kodwa akakazinzi khona ngokugcwele, ushintshashintsha iTheku neGoli.
Mayelana nokuzilungiselela indawo kaNomafu, uthe ngesikhathi ethola umsebenzi uyaye afundisise ibhayibheli (script) lalowo muntu amdlalayo ukuze aqonde ukuthi ungumuntu onjani.
“Ngifunda kabanzi ngaleyo ndawo bese ngihlanganisa nengake ngakubona noma ngezwa ngakho ukuze ngingene khaxa endaweni yaleyo ndawo. Nangenkathi ngichazelwa ukuthi uNomafu unjani, kwangihlaba umxhwele ngoba ngiyabazi elokishini laKwaMashu abantu abaziphatha njengoNomafu,” usho kanje.
Uphethe ngokuthi okwamanje akukho amatasa ngakho ngaphandle kukaNomafu neThe River.
“Ngiyabonga kubantu baseMzansi uma bekubona ukuzimisela kwami emsebenzini futhi ngiyathembisa ukuzinikela kunoma iyiphi indawo engiyitholayo,” kusho uBrenda.