U-AYANDA Borotho, umlingisi ozakhele udumo kwiSibaya, uthi kumthwalise kanzima ukulingisa indawo kaVakashile Buthelezi, emdlalweni uZulu noMhlaba.
Uthe kumphonsele inselelo ukulingisa emdlalweni okhonjiswa kwiMzansi Magic 161 ngo-8 ebusuku ngeSonto.
"Indawo kaVakashile Buthelezi, ingikhiphe yangiqeda lapho benginethezeka khona. Kodwa ngithe sengimtholile, ngamthanda," kusho u-Ayanda.
Ubonge umdidiyeli womdlalo uNhlanhla Mdlalose, ngokumeseka ngemithandazo, kanti wayenguzakwabo ngesikhathi belingisa kwiSibaya.
"Abantu abazi ukuthi besithandaza endaweni yokuqopha nangemuva kokuba sesiqophile," kuchaza u-Ayanda.
Uqhube wathi uNhlanhla uthembekile futhi uyabuhlonipha ubudlelwano babo bokuba ngabangani. Wathi ungumuntu omazi kahle futhi okwaziyo ukuvikela ubungani babo. "Iningi ngeke labuqonda (ubudlelwano bethu)."
Uthe umthanda ngenhliziyo yakhe yonke uNhlanhla futhi umnxuse ukuba ayeke abantu bakhulume abakuthandayo ngabo. Yize kunjalo kodwa uthe umkakhe nohulumeni bayalwazi udaba. "Asinandaba."
Ubuye wancoma uNhlanhla ngokuzinikela kuNkulunkulu nokufeza iphupho alinikezwa nguMdali. "Ngeke balunge abamazi ubaba wethu laba."
U-Ayanda uzwakalise ukukuthokozela kakhulu ukubona abalingisi abasafufusa begila izimanga emdlalweni.