OWAYENGUMETHULI wohlelo iZaziwa, oke waba ngumsakazi kwiMetro FM, uthi kumjabulisile ukuthi ekugcineni athole umsebenzi wesikhathi eside kwithelevishini.
UPearl Modidadie (34), usho kanje ngenkathi kwethulwa umdlalo omusha, iRedemption, oqale ukukhonjiswa ngoSepthemba 26 kwiBET Africa (DStv 129). Ulingisa indawo kaYvonne.
Elandisa iphephandaba, uthe kumthokozisile ukuthi athole ithuba lokulingisa nabalingisi abahlonishwayo kuleli.
“Ekuqaleni bekunzima ukulingisa nezingqalabutho zabalingisi bakuleli kodwa ngaya ngokujwayela. “Kuningi engikufundile ngoba ngincele kogwansile ngesikhathi siqopha umdlalo,” kuchaza uPearl.
Phakathi kwabalingisi abanohlonze abayingxenye yomdlalo kubalwauTina Jaxa, Themba Ndaba, Seputla Sebogodi, Pakamisa Zwedala noZenzo Ngqobe.
Le ntokazi ayiyintsha ekulingiseni futhi seyike yabonakala emidlalweni embalwa okubalwa iScandal, Rhythm City, Black Tax ne-Entangled.
“Miningi imidlalo esengike ngaba yingxenye yayo kodwa bekuyimsebenzi yesikhashana kwazise ukuthi bengisasemsakazweni futhi ngethula neZaziwa. Kulokhu kuhlukile njengoba kuyinto engibhekene nayo ngqo ngingaphazanyiswa yilutho,” usho kanje.
Uthe uzimisele ukutshengisa elinye ithalente lakhe manje ngoba abantu abaningi bebemanqika ukusebenzisana naye ekulingiseni kwazise ukuthi bebemjwayele ethula izinhlelo zethelevishini nokuphatha izinhlelo emicimbini.
“Ngithemba ukuthi ababukeli bazokubona ukuzimisela kwami ekulingiseni indawo kaYvonne, bangaboni umethuli wezinhlelo. “Ngicabanga ukuthi kuzosiza ukuthi bese kunesikhathi esidebegcinile ukungibona ezikhangisweni,” kusho uPearl.
IRedemption ikhuluma ngebandla eliholwa umndeni wakaZikode, umholi walo nguSimon Zikode (Themba Ndaba).
Echaza ngendawo kaYvonne, uthe uYvonne ungunkosikazi kaZwelakhe futhi bayathandana kodwa into ezothusa ababukeli, indlela azimisela ngayo uYvonne ekwenzeni isiqiniseko sokuthi umkhwenyana wakhe uyilokhu akufunayo yena.