KUSHAYISANA imibono ngesiqephu sakamuva socansi phakathi kwabalingisi beThe Wife, ekhonjiswa kwiShowmax, esiveza sengathi bebeya ocansini ngempela.
Kulesi siqephu kuvela uNkosana (Mondli Makhoba) noZandile (Khanyi Mbau) besocansini oluvuthayo. Banqunu futhi nasocansini baye isikhathi eside okwenza bangaveli njengabantu abalingisayo. Kusona akukho obekufihliwe njengoba bekubonakala ukuthi banqunu, sengathi nezilwane baziqhatha bukhoma.
Indlela oludonse ngayo bephendulana kwenze abantu bakhuluma izinto ezingafani ezinkundleni zokuxhumana. Kukhona abakhombise ukucasuka, bekhala ngokuthi into ebiyenziwa nguNkosana kuZandile izobaqhatha nezintombi zabo ngoba bebebonakala beshaya ucansi oluvuthayo. Abanye bebencoma ukuthi uNkosana ukwazile ukumela amadoda ngokushaya ucansi lweqophelo eliphezulu.
Lesi siqephu senze kwakhuluma nabanye osaziwayo kanti noWiseman Mncube woZalo uthe: “Bhuti omdala waliphakamisa iFlag lamaHumusha. Kodwa mina ngingafika endlini izimpahla zisemgwaqweni noma zishile.”
Omunye uSbu Mhlongo uthe, 50 Shades of uBhuti omdala. Usomahlaya uSkhumba Hlophe, ukhombise ukucasuka wafaka isithombe sikaMondli kwi-Intagram maqede, wasihlikiza ngepeni. Abantu bavele bamhleka uSkhumba, abanye babuza ukuthi kazi unaye yini unkosikazi uMondli Makhoba? Bathi bona ngabe balaliswe egunjini labagula kakhulu esibhedlela, ukube bekuyibona abavela benza kanje kwithelevishini.
Isiqephu salolu hlobo sagcina ukubonakala kwiYizo Yizo, kuvela uDumisani Dlamini owayelingisa indawo kaChester elele nowesilisa ejele.