UMISIWE umdlalo obekumele uqale ngesonto elizayo nobophele izinkakha zabalingisi kuleli othi ISONO. Lo mdlalo ubuzoqala ngoJulayi 27 ngo-9.30 ebusuku kwiBET DStv (129) kepha
umisiwe ngenxa yokusabalala kweCovid-19.
Inkampani ewuqophayo iClive Morris Production, ithe ikhethe ukukumisa ukuqala komdlalo kuze kudambe igciwane, iCorona.
“Sikhethe ukuthi sikumise ukuqoshwa kwawo kuze kube lesi sikhathi siyadlula. Nokuqala kwawo kanjalo ngeke kusaba ngosuku obelumenyezelwe. Nakho kuzoma. Uma sekungcono siqhubeke nokuqopha, sizomemezela usuku olusha,” ngokwesitatimende.
UMonde Twala wakaViacomCBS Networks Africa, uthe iCovid-19 ize nezingqinamba ezihlukene endimeni yezobumnandi kuleli, abebengazilindele.
“Yize sekuphazamisekile ukuqala kwalo mdlalo kodwa sizoqhubeka nokuletha ezinye izinhlelo ezizojatshulelwa ababukeli esiteshini seBET.
Ukwanda kwabantu abatheleleka ngaleli gciwane yikhona okusenze samisa konke sicabangela ukuphepha nezimpilo zabo bonke abasebenza kulo mdlalo,” kuchaza uTwala.
Kulindeleke ukuthi kubonakale abalingisi okubalwa kubo uNthati Moshesh, Bohang Moeko, Senzo Radebe, Didintle Khunou, Anga Makubalo, Rami Chuene nabanye.
UTwala uthe bajabule ngokwethula umdlalo wokuqala oyi-telenovela, ozobonakala esiteshini sabo sase-Afrika. Wathembisa ababukeli ukuthi bangasikhaleli isikhathi esincane okuzomiswa ngaso umdlalo njengoba uma usukhona bayokhohlwa nokuthi uke wabhekana nezingqinamba ezifana nalezi.