KUPHELA amaphupho ngefilimu ebilindelwe ngabomvu enomlingisi waKwaMashu, uNomzamo Mbatha, ethi Coming 2 America. ephuma kusasa emacinema emhlabeni jikelele nakuleli.
Kule filimu eqala kusasa ukubonakala emacinema akuleli nasemhlabeni, kuzogqama umsebenzi wamanye amaciko akuleli ngezingoma azenzile okunguNasty C, Prince Kaybee, Tellaman neMiCasa.
Muva nje, kuvele nokuthi zidla ukhasi izimpahla zomsiki wengqephu uLaduma Ngxokolo, odume ngelikaMaxhosa, kule filimu futhi baningi abalingisi abazogqoka umsiko wakhe.
Umsiko kaLaduma waseGqeberha, uzobonakala emndenini wasebukhosini baseZamunda, okubalwa no-Eddie Murphy.
Ekhuluma ne-IOL, engunozakwabo weSolezwe, uLaduma uthe umsiki wengqephu waphesheya kwezilwandle uRuth E Carter, uyena owamthinta emtshela ukuthi bafuna ukusebenzisa izimpahla zakhe kule filimu.
"Ngesikhathi ngithola ucingo kuRuth yilapho engabona khona ukuthi imfashini yethu kuleli, isiwathathile amehlo abantu abakhulu phesheya kwezilwandle futhi kuyajabulisa. Yize kuleli abantu bebegxeka izimpahla zami bethi ziyabiza, engifuna ukubacacisela khona ukuthi kumele bazi futhi bafundiswe ngenani le mpahla. Kumele batshelwe ngohlobo lwendwangu esiyisebenzisayo nokuthi yenziwa kanjani,“ kusho uLaduma.
Uthe uyavuma ukuthi impahla yakhe akuyona eyokuthengwa yiwona wonke umuntu kuleli, kodwa ukuhamba kwesikhathi uyazi wonke umuntu uyogcina ebonile ukuthi kungani ibiza.
“Maduzane ngizokhipha izimpahla zasebusika, ezizobe sezinemibala engiyibone eZamunda nokuyinto ejabulisayo. Ngiyathemba ubuhle obuzobonakala kule filimu nasezimpahleni zami buzovula amathuba amaningi njengoba iCovid-19 isilimaze kakhulu,” kuchaza yena.
UNomzamo ube ngundaba mlonyeni kwabaningi, ngesikhathi efaka isithombe lapho bebeyohlangana nabezindaba eBervely Hills, e-USA ngoLwesibili ebusuku.
Abantu bakuleli baveze ukuthi elakuleli kumele liziqhenye ngale ntokazi yaKwaMashu.