IHLUKENE inhloko nesixhanti phakathi kowayengumsakazi weMetro FM, uPenny Lebyane nesiteshi sethelevishini, iHoney TV emuva kweminyaka emibili bebambisene.
Izindaba zokugqabuka kwegodo phakathi kukaPenny nohlelo abelwenza iSangoma, Khanyisa, zimenyezelwe nguye emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana.
Uthe useyashiya kulolu hlelo abesiza kulo abantu abafuna ukushaya umhlahlo ezangomeni benoMkhulu Rametsi ngoba esethole amadlelo aluhlaza.
"Emuva kwamasizini amabili ngiwumethuli futhi ngibabambe iqhaza ohlelweni lweHoney, iSangoma, Khanyisa, sengifinyelele esinqumeni sokulushiya phansi ngenhloso yokulandela amathuba ebese ngiwabeke eceleni ngoba ngifuna ukuqinisekisa ukuthi lolu hleli ngilethula ngendlela enesigqi."
Uthe ngesikhathi ecelwa ukuba abambe iqhaza kwiSangoma, Khanyisa, wabona ithuba lokuba aqhamuke nohlelo olwaluzoletha isithunzi nobuntu enkolweni yesintu.
"Okusemqoka, kimi, isicelo safika ngesikhathi thina njengabantu sasibhekene nomthelela wobhubhane lweCovid-19 ezingqondweni zethu." Uthe ukwenze konke obekuyizinhloso zakhe ngalolu hlelo futhi wasiza abantu abaningi bakuleli.
Uthe ukwazile ukuqeda izinto ebezingamampunge ngobudlelwano phakathi kwezempilo nenkolo yesintu.
"Ngiyethemba uhlelo luzoqhubeka nendlela yokunikeza inkolo yesintu isithunzi nokwelapha labo abalimele emphefumulweni."
Uthembise abalandeli bakhe ukuthi umatasatasa kolunye uhlelo olusha.
"Njengoba sengiqedile ngalolu hlelo, ngiqhubeka nomsebenzi ebesengiwuyekile. Ngizoqhubeka nohambo lwami emsakazweni nakwithelevishini. Ngijabule futhi ukuba semsebenzini wenkampani yami iTownship Girl Media ngokubambisana nenkampani enkulu nesiteshi esizowusakaza," kuphetha uPenny obuye abonakale kwiMoja Love futhi osesakaza kwiMassiv Metro.