KUPHELILE ngoShaka obilingiswa nguSK Khoza, emdlaweni iThe Queen.
Lokhu kungemva kwezindaba ezivele ngoLwesithathu zokuthi inqanyuliwe inkontileka yakhe. Kuthiwa ukuphela kwendawo yakhe kungenxa yezinsolo ezisanda kuvela zokuthi uvulelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, ingoduso yakhe uMandy Hlongwane.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kuphuma lezi zindaba nje, kudala kwaziwa ukuthi uSK angase aphelelwe wumsebenzi.
“Bese kunesikhathi kubhungwa indaba yakhe ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi uhlukumeze intombi yakhe. Ngaphakathi kulo mdlalo bese kwaziwa. Akasaqophi nokuqopha kulo mdlalo,” kuchaza umthombo.
Uthe bese ziziningi izigameko zakhe abese bezibekezelele abaphathi bakhe, kanti kufike ekugcineni ngalesi sakamuva.
“Ubehlupha kakhulu uSK, bese kumele bamthathele izinyathelo. Asazi ukuthi indawo yakhe izokwenziwa njani njengoba ibihlelelwe isikhathi eside ababhali bomdlalo. Kumele babone ukuthi yini abaqhamuka nayo ukuze kuvaleke isikhala sakhe,” kuchaza yena.
USK wadedelwa ngebheyili kaR2000 ngenyanga edlule yinkantolo eRandburg. Ekuqaleni konyaka kuke kwavela izindaba zokuthi uSK nentombi yakhe bashaye umsebenzi wasesitolo, akwangaziwa ukuthi yini imbangela yalokhu.
Akuqali ukuthi uSK akhonjwe indlela kwiThe Queen. Uke waxoshelwa ukungaziphathi kahle emsebenzini, kuthiwa wenza umathanda, engasigcini isikhathi, kwesinye isikhathi angayi emsebenzini.
Abaphathi bakhe bagcina bembuyisile ngenxa yokukhala kwababukeli balo mdlalo.
Ucingo lukaSK belukhala lungabanjwa nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
UMzansi Magic ucele ukuthi uthunyelelwe i-email ngalolu daba, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphendulanga.