UMLINGISI oqale ukuzakhela igama emdlalweni Uzalo uKay Sibiya, uthi bekuyiphupho lakhe ukuthi ngelinye ilanga abe yingxenye yomdlalo iGenerations: The Legacy.
Uveze ukuthi ngenkathi esemncane esaphupha ngokulingisa, wayecabanga ukuthi ikhono lakhe uzoqala ukuligqamisa kulo mdlalo.
UKay ungomunye wabalingisi abasha kulo mdlalo okusanda kuqala isizini entsha. Ulingisa indawo kaSiyanda, ongumfowabo kaJack Mabaso. Ekhuluma ngomdlalo uKay, uthe ukujabulele ukuba ingxenye yomndeni eyenza lo mdlalo.
“Uyazi nginemizwa engafani ngokuba yingxenye yalo mdlalo njengoba ngithukile kodwa ngijabule futhi ukuthi ekugcineni iphupho lami leminyaka selize lafezeka. Umlingisi ongangami angakutshela ukuthi sonke sisakhula futhi sisaphupha ngokuba kuthelevishini, umdlalo esasifuna ukuba kuwona yiyona iGenerations, ngakho kuyajabulisa ukuthi ekugcineni sekwenzekile,“ kuchaza uKay.
Ekhuluma ngoSiyanda uthe ungowesilisa ozithembayo, owaziyo ukuthi ufunani empilweni futhi olimelayo iqiniso.
“Ukhule kahle ekhaya elifudumele uSiyanda, ekhuliswa abazali bakhe bobabili. Kodwa angakwazi ukuthi umama wakhe esemncane eneminyaka engu-17, wathola ingane yomfana manje esikhulile futhi eyesatshwayo nehlonishwayo njengoba iyisigebengu, enguJack Mabaso. Kuzocaca emdlalweni ukuthi uSiyanda kumphatha kanjani lokhu azokuthola njengoba esekhulile nje,“ kusho uKay.
URussel Savadier ongomunye wabaqasha abalingisi kulo mdlalo, uveze ukuthi akekho umlingisi wakuleli owamfikela emqondweni ngesikhathi besungula indawo kaSiyanda.
“Sasifuna umuntu ozongena athi khaxa kule ndawo, oyinsizwa ebukekayo futhi ezoba nesithunzi, uKay uyena owafika emqondweni wami, nangempela samthola. Yena noVusi Kunene (Jack Mabaso), ungafunga ukuthi bazalwa ndawonye ngempela,“ kuchaza uRussel.
Uthe uJack uzothola ngomndeni wakhe nangomama wakhe emuva kokuthi eye esangomeni, okuzothi esamfuna uTshidi (Latoya Makhene), amthole kuqala, ukuze afeze izinhloso zakhe.