INTANDOKAZI yohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, seyiphinde yahlabana ngenye ingqayizivele yethuba lokulingisa.
UFelix, ongomunye wosomahlaya abahlonishwayo kuleli ngekhono lokugegethekisa izithameli, uzodlala indawo kaMr G emdlalweni othi Isono kuBET TV Channel.
Lezi zindaba zidalulwe yinkampani angaphansi kwayo uFelix iBecky Casting Agency. Ebuzwa uFelix uthe ujabule kabi ngaleli thuba.
“Bathi ithuba liza kulabo abalisebenzelayo. Ngizokwenza ngakho konke okusemandleni ukusebenza kanzima ngesithunzi nangenhlonipho ukuze ngigcine sengiwumlingisi ovelele.”
UFelix uthe lisho lukhulu leli thuba alitholile. Uthe ucilo akazishayanga esagileni kodwa wayevele enephupho lokukhombisa umhlaba wonke ngekhono lakhe lokulingisa.
“Angikaze ngafundela ukulingisa esikhungweni semfundo ephakeme kodwa ngisafunda emabangeni aphezulu esikoleni bengilingisa izindawo eziqavile emidlalweni yeshashalazi.”
Uthe uyathemba lokuthi uzogcina esengumlingisi ohlonishwa umhlaba wonke ngenxa yokuthi uyazimisela kunoma yimiphi umsebenzi awenzayo, akukhathaleki ukuthi owokuhlekisa noma owokusakaza.
“Lena yingqayizivele yethuba eyake yangehlela. Ngiyabonga kakhulu ngalo futhi ngizoqinisekisa ukuthi ngilibamba ngobunono.”
UFelix uqale ukuduma esahlekisa kwi99% Zulu Comedy kangangoba wagcina eqokwe nakumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards.
Ube esesakaza uhlelo lwasekuseni iKwasa Breakfast Show kwiVuma FM ngaphambi kokwenza uhlelo lwasemini iMidday Shandis kwiGagasi FM.
Ngaphandle kwalemi sebenzi, lo msakazi ubuye aphathe izinhlelo zemicimbi ehlukahlukene.