IMBONGI yaseMnambithi, uNompilo Mwelase ithi kufana nokufezeka kwephupho layo leminyaka, ukuthola ingqayizivele yokulingisa emdlalweni weTV, iVula Vala.
UNompilo (22), odume ngenkondlo ethi Ngizokhulumela Amadoda nethi Ungishayelani, ulingisa indawo kaZandi.
Kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ngo-8 ebusuku, uNompilo udlala nomakadebona okungoSello Maake KaNcube, Tina Jaxa noDarlington Michaels.
“Ukuba esiqeshini sokuqala, kuvulwa futhi nabantu beqala ukubuka iVula Vala kusho lukhulu kimina. Kungikhumbuzile ukuthi kunesiqalo kunoma yini,” kusho lentokazi yaseMgazini.
Uthi uyazi ukuthi abantu bamazi njengembongi kodwa bebengazi ukuthi selokhu kwathi nhlo, uyazifela ngokulingisa.
“Sebezongazi ngoZandi. Ukuba lapha manje, ngenza into engiyithandayo kwenza inhliziyo yami ithi, cosololo. Ukuza eGoli ngizoqhuba iziphiwo zami, bengingazi ukuthi uNkulunkulu ungihlelele okunye.”
UNompilo uthi ufike eGoli ezolingisa indawo kaZandi kuphela kanti uzofike anikezwe nomsebenzi wasehhovisi.
“Kimi, yindlela uNkulunkulu akhuluma ngayo, engibeka lapho efuna ngibe khona nabantu bakhe. Lokhu akukho semqoka kimina kuphela kodwa nasemsebenzini wami wezobuciko. Ukuxhumana nabantu abahlukene nsuku zonke kwenza ukwazi ukuqonda izimo ezehlukene. Lobu ubuciko. Njengeciko kuyangisiza ngezindlela ezahlukene zokuziphatha kwabantu.”
Ukhule ethanda abantu futhi ezimisele ngokuba yisibonelo esihle entsheni, ukuze ihambe ezinyathelweni zakhe.
Nyakenye uNompilo wanyelwa yinyoni esandleni ngenkathi ethole ithuba lokukhangisa ngekhono lakhe phambi kwezingwazi zase-USA, uSteve Harvey noTyler Perry kepha lelo thuba laphunza ngenxa yokuswela imali.
Ubenza unyaka wokugcina ezifundweni zobuthishela e-University of KwaZulu-Natal (Edgewood Campus), uthi inhlanhla yamehlela emuva kokwenza inhlolokhono ye-The International Arts Talent eyayiseHillcrest, eThekwini ngo-2018.
Washiya izithameli zisahalela impinda kwi-5th Uhuru Fringe Festival eWushwini Pan African Art Festival, kwaNgcolosi.