KUCHAZEKE abantu kukhonjiswa okokuqala ifilimu entsha yaseNingizimu Afrika, Imali Emnyama ebophele noSphuzo Sabantwana, eSuncoast Casino, eThekwini ngoMgqibelo.
Bafike ngobuningi ukuzobuka ifilimu, kuqhuma nohleko ngesikhathi idlala ngenxa yamahlaya. Ibophele abalingisi abazakhela udumo kwiFamily Bonds, uNdumiso Dlamini noPhumzile Mlangeni oke walingisa nakuZalo.
Iphinde ibe noMzwandile Ngwenya oke walingisa kwiSibaya noThando Ndlovu umlingisi osemusha kodwa ongomunye waphambili kuyo.
Inkakha kwezemidlalo yethelevishini neyeshashalazi uDuma Ndlovu, nebibukela ifilimu, ithe ichazwe yindlela eyenziwe ngayo.
“Lokhu engikubonile kwenzeka kule filimu kungichazile. Ngesikhathi ngiqala emkhakheni wezokulingisa nganginesifiso sokuthi ngilethe imidlalo namafilimu akuleli KwaZulu-Natal. Njengoba nami ngidabuka kulesi sifundazwe, bekungiphatha kabi ukuthi abantu kumele baye eGoli ukufeza amaphupho abo.Ngicela sibaseke abalingisi bethu emsebenzini abawenzayo ngoba yizihlobo zethu lezi. Okunye engifuna ukukucacisa wukuthi uma kukhona onesifiso sokungena kwezokulingisa, afunde ngoba kuningi okwenziwayokhona ngaphandle kokulingisa,” kusho uDuma.
Umnikazi wefilimu uMike Ndlovu weZero to Hero, uthe izokhonjiswa eKillarney Mall, eGoli ngoNovemba 28. Abafuna amathikithi, uthe bangaxhumana naye ngokuthumela umyalezo kwi-email yakhe ethi: [email protected].
ABALINGISI abaphambili kwifilimu entsha Imali Emnyama, uMzwandile Ngwenya, Phumzile Mlangeni, Ndumiso Dlamini noThando Ndlovu
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU