NOKUBONGWA PHENYANE
LUZOQALA ngoDisemba 20, uhlelo olukhombisa imishado i-Our Perfect Wedding (OPW), ekhonjiswa kuMzansi Magic (161), ngo-7 ebusuku.
Lolu hlelo olwethulwa nguKhanyisa Titus, lume ngenxa yokubheduka kweCovid-19, okwadala ukuthi kuvalwe imicimbi efana nemishado.
Kumanje seziqalile izikhangiso kulesi siteshi eziveza ukuthi uhlelo luzoqala ukukhombisa iziqephu ezintsha maduze.
UKarabo Morogwa weMzansi Magic uveze ukuthi uhlelo luzoqala ukubonakala uma kuphela ama-Idols SA.
“I-OPW isiqalile ukuqopha njengoba sisesigabeni sokuqala somvalelandlini ezweni, imicimbi isikhona futhi imishado isivunyelwe. Kuzobuya lolu hlelo neDate My Family uma kuphela ama-Idols. Akukho okuningi okushintshile kulona njengoba kusabuya uKhanyisa ozoba ngumethuli walo,” kuchaza uKarabo.
Esikhundleni salolu hlelo bekukhonjiswa oluthi Gift of Love, olwethulwa uCeleste Ntuli.
Nalo beluqoshwa yinkampani efana neqopha i-OPW, iConnect TV, ephethwe nguBasetsana Kumalo noClifford Elk.
Kulona bekubonakala amalungu omndeni ehlelela imicimbi eyimfihlo abashadile asebeshade iminyaka, abafisa ukuvuselela izifungo zomshado.
Abanye bebefuna ukubashadisa ngoba bengakaze bashade omhlophe babhala enkantolo.
UKHANYISA Titus ozobonakala maduzane kuMzansi Magic njengoba kubuya uhlelo alwethulayo lwemishado i-Our Perfect Wedding. ISITHOMBE: SIGCINIWE