IZINHLELO ezenza kahle kwiDStv yizona osekuqinisekisiwe ukuthi zishaya ibuya ngonyaka ozayo kulesi siteshi.
Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba ebesenziwe abakwaMultichoice ngenjongo yokwethula izinhlelo ezintsha ezizoqala kulo nyaka nangonyaka ozayo.
Yize zingeziningi izinhlelo abazivezile ukuthi ziyabuya kodwa uYolisa Phahle oyisikhulu sakwaMultichoice kuleli uveze ukuthi kukhona abangafuni ukuzimemezela njengoba besematasa nabanikazi bazo abakafinyeleli emaphethelweni.
Kodwa kwaziqinisekisile kukhona uhlelo oluqoshwa eThekwini iThe Real Housewives of Durban, iSurvivor South Africa nohlelo iBig Brother Mzansi.
Lezi zinhlelo zontathu uthe zizobonakala eziteshini zabo uma kuqala unyaka.
“ISurvivor iyaqhubeka nokusimangaza kungakho singachithanga sikhathi sakhetha ukuthi isheshe ibuye nje uma kuqala unyaka. Kuningi ke abantu abangakulindela kulolu hlelo njengoba kuzoba khona okushintshiile kulona esithemba ukuthi abantu bazokuthakasela. Besingathembi ukuthi abantu bazoyijabulela isizini edlule eqoshwe kuleli. Kodwa manje amaphaphu ehlile ngoba sibonile ukuthi konke kube yimpumelelo asisenalo ukhwantalala lokuthi kumele siye kwamanye amazwe sishiya izwe lethu," kusho uYolisa.
Uthe okunye ngalolu hlelo ukuthi njengoba selukhonjiswa e-Australia nje amazwe afana ne-UK ne-USA ayaludinga.
“Imidlalo ekhonjiswa eziteshini ezihlukene nayo yenza amaqophamlando nawo simatasa nawo, umdlalo nje engingakhuluma ngawo ozokhonjiswa kwiM-Net noqoshwa eKaroo. Imidlalo efana neThe River kuzoqala maduzane ukuqoshwa kwesizini entsha nesiziqhenya kakhulu njengoba nemicimbi yezindondo ilokhu ilibukile ithalente kuleli futhi izinhlelo zakuleli beziqoka emicimbini yabo,’’ kuchaza uYolisa.
Uhlelo iBig Brother Mzansi uveze ukuthi kulo nyaka ozowina kulona uzohamba nomklomelo ka2 million.
Uthe kuyimanje bamatasa nokuhlangana nentsha efuna ukuba yingxenye yalolu hlelo nabathemba ukuthi izojabulisa ababukeli balolu hlelo.