KUZOSULEKA izinyembezi kubabukeli bomdlalo Uzalo, njengoba izintandokazi zabalingisi balo mdlalo zikhuza ibuya.
Abalingisi okukhona kubona uKhaya Dladla (GC), Nokuthula Mabika (Thobile), Nay Maps (Mxolisi) noNtokozo Dlamini (Mastermind) kuvela ukuthi bazoqala ukuqopha kulo mdlalo kuleli sonto.
Umthombo weSolezwe ongashayi eceleni, uveze ukuthi ukuvela kwezindaba zokushiya kulo mdlalo kukaThandeka Dawn-King (MaNgcobo), yikhona okwenze abadidiyeli bawo bathatha isinqumo sokubuyisa laba balingisi.
“Kucacele noma ubani ukuthi badinga ukubhukula kulo mdlalo. Abekho abantu ababacabangile ngesikhathi uThandeka eveza izindaba zokuthi uyahamba, babone kungcono ukuthi babuyise bonke abalingisi ababaxosha, okungangabazisi ukuthi nakanjani bazobuyisa isithunzi salo mdlalo uphinde ujatshulelwe ngabaningi futhi,“ kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi kuleli sonto uKhaya noNokuthula bayaqala ukuqopha njengoba beyobuya ngesonto elilodwa nokuyogcina ngalo ukubonakala kukaMaNgcobo kulo mdlalo.
“UKhaya ngizwe ngandlebenye ukuthi nomdlalo iThe Zwide’s oqoshelwa i-e.tv ozovala isikhala seRhythm City uyafuneka nakuwona, asazi ke ukuthi uzowancelisa kanjani amawele, abanye bona bakhululekile ngenxa yokuthi ayikho imidlalo abagxile kuyona bazoqopha ngokukhululeka kuZalo,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uNay Maps ngeke aze ahlale isikhathi eside kulo mdlalo.
Omunye umthombo ngaphakathi uveze ukuthi kuleli sonto ababhali balo mdlalo basazohlangana neSABC ukumemezela lezi zindaba.
“Lezi zindaba zisheshe zaputshuka kwabezindaba njengoba kungakaphothulwa okuningi ngokubuya kwalaba balingisi. Kusamele kubikelwe iSABC ngomqondo ababhali abanawo bese uma ivuma ngokuthi lo mdlalo uzoyaphi futhi uzothakaselwa yini, bese kuqalwa ke besayiniswa izinkontileka ezintsha,” kuchaza umthombo.
UNomfundo Zondi okhulumela inkampani eqopha lo mdlalo iStained Glass, uveze ukuthi ngeke liphele isonto bengasikhiphanga isitatimende esichaza ngezinguquko kulo mdlalo.
“Akukho engizokukhuluma manje ngalaba balingisi kodwa engingakuthembisa ukuthi ngeke leli sonto liphele singacacisanga ngezinguquko ezizokwenzeka kulo mdlalo,“ kuchaza yena.
Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi kuphele ngendawo kaGabisile elingiswa uBaby Cele noQhabanga(Siyabonga Shibe).