Nokubongwa Phenyane
KUZONANDISA abaculi abahlukene emcimbini kazime wakuleli uMiss South Africa 2020, ozoba ngoMgqibelo eThe Table Bay hotel, eKapa.
Umcimbi uzobe ukhonjiswa bukhoma kusuka ngo-5 ntambama kuM-Net (DStv channel 101) nakuMzansi Magic (DStv channel 161).
Abaculi okukhona kubona iMi Casa, Sho Madjozi, Ami Faku, Jimmy Nevis noSun El-Musician bazonandisa kuwona. Uhlelo luzobe luphethwe uNomzamo Mbatha ngokubambisana noLalla Hirayama.
UGavin Wratten onguphrojusa ohlelweni ama-Idols SA ozobe eqondisa uhlelo lwalo nyaka, uthe yize igciwane iCovid-19, lenze kwaba nezinguquko eziningi kodwa liphinde lavulela ezinye izindlela zokusebenza ezijabulisayo.
“Umcimbi walo nyaka uzohluka kakhulu kuneminye njengoba ungeke uze ukhombise isiteji esiseKapa kuphela kodwa sizophinde siveze nezinye izinto ezizobe zenzeka kwesiseGoli. Sizobe sisakaza kuvele kusuka ebhishi kuya edolobheni phakathi, echwebeni laseKapa nasekomkhulu likaMiss South Africa, eSandton. Lo nyaka ube yinto esingakaze sibhekane nayo kodwa umcimbi nawo uzoba yinto engakaze ibonakale eminyakeni engu-65 edlule,” kuchaza uGavin.
Kulo nyaka izintokazi eziyishumi ezizobe ziqhudelana o-Aphelele Mbiyo, Busisiwe Mmotla, Chantelle Pretorius, Jordan van der Vyver, Karishma Ramdev, Lebogang Mahlangu, Melissa Nayimuli, Natasha Joubert, Shudufhadzo Musida noThato Mosehle.
Amajaji omcimbi kubalwa intokazi ephethe isicoco sikaMiss Universe uZozibini Tunzi, Peggy-Sue Khumalo, Anele Mdoda, Leandie du Randt noKim Engelbrecht.
Intokazi ezohlabana kulo nyaka izohamba nemiklomelo ehlukene kaR3 million.
Kulo nyaka izimpahla ezizobe zigqokwe izintokazi zithungwe abasiki bengqephu okukhona kubo uSandi Mazibuko, Lena Lisa, Mzukisi Mbane, Tracy Efstathiou, Anel Botha, Juan William Aria, Neville Masondo, Orapeleng Modutle noSello Medupe.
Abantu abahlala emazweni angaphandle bazothola ithuba lokubuka umcimbi kwi-website kaMiss SA, ethi:www.misssa.live, ngokukhokha imali engu-$6.99 (R99.99 ).