CHARLES KHUZWAYO
KUBHIMBE izinhlelo zokuqeqeshela umjaho wamabhayisikili ngemuva kokuphuka kozwane lomsakazi owaduma kwiGenerations: The Legacy, uThando Thabethe. UThando, owethula uhlelo lwantambama kwi-947, ubezoba yingxenye yomncintiswano waminyaka yonke wokuqwalwa kwezintaba ngamabhayisikili, i947 Ride Joburg 2021, ngoNovemba 21, kulo nyaka.

Akukacaci noma uThando uyobe eseluleme yini ukuze abe yingxenye yalo mqhudelwano.
UThando, owayelingisa indawo kaNolwazi Buzo kulo mdlalo, udalule lezi zindaba ekhasini lakhe le-Instagram.
"Ngibe nomshophi izolo ebusuku. Ngiphuka uzwane...bengidinga ukuziqeqesha, manje uzwane lwami selubukhwebezane (purple)," kusho uThando.
Umbhalo wakhe bewuhambisana ne-video lapho isoka lakhe, uLunga Shabalala, owaduma ohlelweni Selimathunzi nakwiThe River, evela emnyanga unyawo langakwesokudla. Umsakazi ube esecela abantu ukuba baphawule ngoba akafuni u-Alex Craige, acabange ukuthi uzama ukubalekela umjaho, i947 Ride Joburg 2021.