NOKUBONGWA PHENYANE
ULINDELEKE ukuthi ashintshe izinto emdlalweni iThe River, uSeputla Sebogodi ozoqala ukubonakala kulo mdlalo emasontweni ezayo.
USeputla uzolingisa indawo kaMohumi.
UMohumi, nguyise wangempela kaTumi (Larona Moagi), ozofika azoxoxa noLindiwe (Sindi Dlathu) ngengane yabo.
Umthombo weSolezwe osondelene nalo mdlalo, uveze ukuthi izinto zizohamba ngendlela angayithandi uLindiwe uma kufika uMohumi.
“Engingakusho nje ukuthi ababukeli balo mdlalo abazokubona kuwona yilokhu abahlale bekujabulela ngaso sonke isikhathi, njengoba uhamba phambili ngababukeli. Indaba kaTumi, Lindiwe noMohumi izodala izinxushunxushu ezinkulu njengoba izovusa izilonda ezindala ezenzeka ngesikhathi kutholakaka uTumi,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi uSeputla akuyena kuphela umlingisi omusha ozobonakala kwiThe River, kukhona nabanye ababili abazobonakala maduzane.
“Le sizini izophela ngegiya eliphezulu kakhulu, lobu buso obuzayo buzojabulisa ababukeli balo mdlalo. Nakanjani nizobona ezinkundleni zokuxhumana kuzobe kukhulunywa ngawo,” kuphetha umthombo.
ULucky Mangela weMzansi Magic, akaphikanga futhi akavumanga ukuthi kukhona abalingisi abasha abazoqala kulo mdlalo maduzane.
Uthe bazokhipha isitatimende maduze esizochaza ngokuzokwenzeka kulo mdlalo.
Kufika laba balingisi nje, kusanda kuvela izindaba zokuthi uLunga Shabalala olingisa indawo kaLindani, uyashiya.
Kuvela ukuthi indawo kaLindani iqedwa ngoba ababukeli balo mdlalo bebengeneme ngayo.