ZIZOPHINDE zilalelwe ngomunye usaziwayo izinkinga nezimfihlo zabantu bakuleli abazobonakala bezitshela imindeni yabo kwisizini yesithathu yohlelo, iThe Big Secret.
Isizini entsha izoqala ngoNovemba 19, kwiBET(129, ngo-7.30 ebusuku. Isizini yokuqala yohlelo yethulwa nguKhanyi Mbau, eyesibili yaphathwa nguMasechaba Ndlovu.
Kule sizini abakwaBET badalule ukuthi ngeke ibe nomethuli omusha kuphela kodwa kukhona okusha okuzogqama ohlelweni ngoba kukhona ababoshiwe abazofuna usizo lokutshela imindeni yabo izimfihlo.
UPenny azobe ekwenza nakakhulu ohlelweni ukuxhasa osuke ecele usizo, uma eseya emndenini wakhe.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yohlelo uPenny uthe kube ukufezeka kwephupho lakhe ngoba kade efisa ukusebenza kulesi siteshi.
“Ngiyaziwa ukuthi ngizithandela kanjani izindaba zakuleli ezithinta imiphakathi futhi eziliqiniso. Ngakho izingxoxo esizoba nazo ohlelweni zizokwakha ubudlelwane, ziqinise imiphakathi esiphila kuyona, ukuze sibe nesizwe esiphilayo, esibumbene nesizwanayo. Ukuba ingxenye yalesi siteshi kanye nenkampani eqopha uhlelo kube yinto enkulu kimina engingeke ngiyikhohlwe futhi ngizizwa ngithobekile kakhulu,” kusho uPenny.
UMonde Twala, oyimenenja kwaParamount Africa uthe bamamukela ngezandla ezifudumele uPenny kulesi siteshi ngoba unamava ekwethuleni izinhlelo ezifana nalolu.
“Kule sizini kuningi okuzoshiya ababukeli balolu hlelo bebambe ongezansi, lolu hlelo vele ludume ngalokho, kodwa izimfihlo ezizophuma kule sizini ngingasho ngingangabazi ukuthi zinkulu kakhulu. Lezi kuzoba izindaba ezithinta ngqo ababukeli bethu futhi abazobonakala bezichaza siyaqinisekisa ukuthi bazokwenza lokhu bevikelekile. UPenny nethimba lonke leThe Big Secret basebenze kanzima ukuthi kwenzeke konke abadinga usizo lokwelashwa emoyeni baluthole njengoba kuzoba nosohlalakahle ababili nodokotela wengqondo oyedwa,” kusho uMonde.
Uthe bayathemba ukuthi abathintekayo ohlelweni bazothola ukwelapheka emphefumulweni nabakade bekudinga njengoba bethathe isinyathelo sokukhuluma imfihlo abebenayo.