INTSHA yasemazweni ase-Afrika, okukhona kuyona eyaseGhana, Botswana, Zimbabwe neyakuleli, izotholana phezulu ohlelweni olusha lwemfashini oluzoqala esiteshini iHoney (173), kwiDStv.
Uhlelo, iBattle of the Ankara, luzoqala kulesi siteshi ngoLwesihlanu esiya kulona ngo-4 ntambama.
Lolu hlelo lwemfashini luzohlanganisa intsha eyishumi enekhono kulo mkhakha, nesakhula kuwona.
Amajaji alolu hlelo kuzoba yizinkakha kulo mkhakha, uPalesa Mokubung noGert-Johan Coetzee.
Lolu hlelo luqoshwe esikoleni semfashini, iFedisa Fashion School, esiseKapa. Abangenele bazosebenza ngendwangu eyaziwa nge-Ankara, okuyiyona abazokwenza ngayo imisiko ehlukene.
UPalesa uthe umthungi ngayedwa kumele aqhakambise ikhono lakhe esebenzisa le ndwangu nabazofuna ukwazi kabanzi ngokuthi uyisebenzise kanjani ukuze akhiphe ingubo noma yini azobe eyithungile ngayo.
“Abazokuthunga kumele kudonse amehlo, kuhluke kweminye imisiko futhi kube yinto esingakaze siyibone. Indwangu yohlobo lwe-Ankara isungulwe enhla ne-Afrika kodwa manje isitholakala yonke indawo.
“Into engijabulisayo ngalolu hlelo mina ubudlelwane engibubone phakathi kwabathungi kanye nomsebenzi wabo. Okunye ngalolu hlelo, okulenza lubaluleke, ukuthi lukhombisa ithalente lentsha yasemazweni ahlukene,” kusho uPalesa.
Uhlelo luzokwethulwa ngumsakazi ophinde abe umethuli wezinhlelo, uLuthando “LootLove” Shosha.
ULuthando uthe ujabulela abazoba ngabalandeli balolu hlelo njengoba bezobona ithalente elimangalisayo.
Uthe intsha esohlelweni inomfutho futhi izimisele, iphinde yakhombisa ithalente eliyisimanga kulona.
Kwabazoqhudelana kulona kubalwa uFungai Muzoroza (Zimbabwe), James Moroeng (Ningizimu Afrika), Mau Ackon (Ghana), Keneilwe Khobo (Ningizimu Afrika), Michael Sibanda (Zimbabwe), Moitshepi Mokaila (Ningizimu Afrika), Rutendo Chidawanyika (Zimbabwe), Shepard Mokgotho (Ningizimu Afrika), Thobey Cooper (Ningizimu Afrika) noXolelwa Mnyamana (Ningizimu Afrika).
Olunye uhlelo oluzobonakala kulesi siteshi, iHair to the Throne, kuzobe kukhona kulo intsha eyishumi yasemazweni i-Angola, Zimbabwe nelakuleli iqhudelana ngezitayela ezihlukene zezinwele.