UKUKHOTHWA kwenkomo nomphambili, ukuzitika ngocansi ezinqeni, ukulala namadoda anemiphambili emikhulu phambi kwamakhamera ngezinye zezihloko ezidingidwa ohlelweni olukhonjiswa kwiShowmax, olusihloko sithi, This Body Works For Me.
Uhlelo oluqale ukukhonjiswa ngezobuchwepheshe ngoLwesithathu alubafanele abantu abaneminyaka engaphansi kuka-18 ngenxa yolimu oluqosheme olusetshenziswa kulo. Ngaphandle kwalokho izintokazi zibuye zihambe nqunu.
Lubophele izintokazi ezizishaya isifuba ngokuba ngabaqwayizi basezinkundleni zokuxhumana ezinjenge-Only Fans, okubalwa uSamke Nkwanyana wasoLundi, uXoli Mfeka wasePinetown, Anele "Nelly" Mahlakatha, Wandi Ndlovu, Bully Sodela, Prima Donna noGenius Gina. Okushaqisayo ukuthi eminye imindeni namasoka ayazi ukuthi izintokazi ziyaqwayiza. Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi ngokudayisa izitho zangasese nama-vidiyo ocansi ezinkundleni zokuxhumana kwenza ezinye izintokazi zigoduke noR50 000 noma uR70 000 ngenyanga.
USamke uthi wangena ekuqwayizeni ngemuva kokunakekelwa ngumlisa womdabu waseNdiya, ngesikhathi esafundela ubuthishela. "Sengiziqedile izifundo zami ngabuyela ekhaya. Wangicela ukuba ngimthumele izithombe nama-vidiyo anemikhuba yocansi bese engithumelela imali."
Uthe wangena kulo mkhakha ngemuva kokubona unina owayeziphilisa ngokuletha abalisa abahlukene kubo.
UWandi uthe abazali bakhe nesoka lakhe bayamsekela kulo msebenzi.
.