ABALINGISI okukhona kubo uPatrick Mofokeng, Thuli Thabethe noThato Molamu, bazoba ngabahamba phambili emdlalweni omusha othi Lingashoni, oqoshwe inkampani iStained Glass.
Lo mdlalo uzoqala kwi-1Magic ngoMashi 22, ngo-7.30 ebusuku, kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
Kuwona kuzobonakala umndeni womsebenzi wasepulazini ongamile kahle, ozama ukuphindela empilweni yakhe yokuba usomabhizinisi ngemuva kweminyaka elahlekelwe umqondo.
UNomsa Philiso wakwaM-Net, uveze ukuthi lo msebenzi onguMandla Cele (Patrick Mofokeng) nozakwabo oyiMeya yaseJo’burg, uRobert Nondumo (Luzuko Nkqeto), bayabaleka ngemuva kokusinda bebulawa ilungu elisondelene nabo emndenini, okuholela ekutheni uMandla alahlekelwe umqondo.
“Ube esetholwa uSeipati Moeketsi (Liteboho Molise), ongumsebenzi wasepulazini namthola ehamba nezingane zakhe osebeni lomfula. UMandla uqala impilo entsha esaziwa ngoThemba. UMandla ushada uSeipati futhi baphila impilo yasepulazini kuze kube iminyaka eyishumi, nala eba sengozini ebuyisa umqondo wakhe wokuthi ngempela yena ungubani futhi afikelwe ukuthi unguMandla Cele,” kusho uNomsa.
UZodwa Zuma weStained Glass, uthe ngalo mdlalo bafuna ukuxoxa izindaba iningi labantu bakuleli eselike labhekana nazo.
“Lo mdlalo uzokhombisa izinxushunxushu ezihlukene ezenzeka emindenini ehlukene ezithinta ezothando, ukudicilelana phansi kanye nodlame. Uthe kulo mdlalo abaningi iyodwa into abazoyifisa, ukuthi uMandla abuyelwe umqondo. Kodwa ingabe lokho kuzokwenzeka, futhi ngabe uMandla uzokhumbula okwenzeka ngosuku alahlekelwa ngalo umqondo wakhe?”
IStained Glass isikhiqizele iDStv imidlalo ehlukene okukhona kuyo Ifalakhe neHostela.