Nokubongwa Phenyane
Ngokwejwayelekile uma sekukhethwe abawu-16 kuba nethuba lapho kuvunyelwa ababukeli ukuthi bahlanganyele ekubukeni uhlelo bukhoma.
Iningi labo kusuke kungamalungu emindeni nabangani abasuke bezokweseka abamlandelayo.
Isitatimende soMzansi Magic sithe okwenze bathathe isinqumo ngukuvikela impilo yabantu abangaba sengozini uma bengahlanganiswa ndawonye ngenxa yeCovid-19.
UNomsa Philiso, obhekelele izinhlelo kwaM-Net, uthe ababukeli bazolubuka uhlelo benethezekile emakhaya kuMzansi Magic (DStv channel 161) noma balubuke kwisizindalwebu seMzansi Magic nakuDStv Now app.
“Uhlelo selukuvuthondaba manje lapho ababukeli sebenesiqiniseko sokuthi bazovotela bani. Isinqumo sokungabi khona kwababukeli akubanga lula ukuthi sisithathe kodwa isimo esibhekene naso sinzima kakhulu, ngakho sithanda ukuvikela wonke umuntu kusuka kubasebenzi abahlanganisa uhlelo, abaculi abakhona manje, ababukeli namajaji ethu,” kusho uNomsa.
Uthe bayathemba ukuthi ababukeli akade sebejwayele ukuhambela uhlelo lusakhonjiswa bukhoma bazoluthokozela besemakhaya.
“Okuningi okuthinta uhlelo uma kunoshintsho sizokumemezela uma kuhamba isikhathi nokuthi uhlelo lokumemezela ozowina sizolwenza ngayiphi indlela,” kusho uNomsa.