Iyavuthwa eyokungenisa kweLembe kweyeSibaya
THOKOZANI NDLOVU
AYAQINA amahlebezi okuthi umdlalo omusha okhuluma ngeSilo samaZulu, iLembe, yiwona ozovala isikhala seSibaya, okuthiwa singase siphele ngonyaka ozayo ngenxa yokuthi sesehlelwe ngababukeli.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongashayi eceleni, uthe noma kungakamenyezelwa ngokusemthethweni ukuthi Isibaya siyaphela kodwa sekoba wumlingo kuphela oyovimba ukuthi singaqedwa.
Uthe umdlalo omusha obizwa ngeLembe, yiwona osekusabalele izindaba ezithi uzovala isikhala seSibaya.
“Njengamanje abalingisi abaningi bayashiya kwiSibaya ngenxa yokuthi sekucacele noma ngubani ukuthi siyaphela. Baningi nabanye abasezinhlelweni zokuhamba kusona, ukubalekela emathonsi abanzi, ukuphela kwaso bekusona. Kunomdlalo omusha oshuthwa eBergville, obizwa ngeLembe, okusolakala ukuthi yiwona ozovala isikhala seSibaya.
Nawo ushuthwa yiBomb Production, okuyiyona engabanikazi beSibaya. Yize abaphathi beBomb Production bengakakumemezeli ngokusemthethweni ukuphela kweSibaya kodwa wuyabona ukuthi kabakhathazekile njengoba bematasa nalo mdlalo omusha futhi kuyabonakala ukuthi baneme ngawo,” kusho umthombo.
Kubuzwa aboMzansi Magic ngalezi zindaba, kabafunanga ukuphumela obala ngazo. Okhulumela Isibaya, uKarabo Maroga, uthumele impendulo evela kumqondisi wezinhlelo zobumnandi kwi-M-Net, uNomusa Philiso.
UNomusa uthe: Yonke iminyaka ngaphambi kokuba sivuselele izinkontileka zezinhlelo nemidlalo ekhonjiswa kuMzansi Magic, siqale siyibuyekeze. Lokho kakwenzekile kwiSibaya kuphela kodwa nakweminye imidlalo senze okufanayo. Lokho kuyasisiza ukuthi sithathe isinqumo sokuvuselela inkontileka sinento ebambekayo, ukuthi kungani siyivuselela. Sizokwenza isimemezelo ngesikhathi esifanele uma sesikuphothulile ukwenza lo msebenzi.”
Kwenzeka lokhu nje Isibaya sesishiywe ngabalingisi abaqavile, okukhona kubona uSiyabonga Thwala, Jessica Nkosi, Nomzamo Mbatha, Sdumo Mtshali, Muzi Mthabela nabanye.
Kuthiwa umthwalo usobhokweni kwabaningi njengoba sekucacile ukuthi lo mdlalo uyaphela. Okungaqinisekisiwe manje wukuthi bakhona yini abalingisi beSibaya abazodlala kwiLembe njengoba befihlelwa okuningi ngalo.
Leli phephanda like labika ngomdlalo iLembe nyakenye, okuvele ukuthi ushuthwa yiBomb Production. Kakucacanga ukuthi uzokhonjiswa kuphi, ngaphandle kokuthi abaphathi beBomb baveze ukuthi bashutha lo mdlalo. Ngawo bathi bafuna ukuqondisa umlando ngempilo yeSilo, uShaka, bekhala ngokuthi umdlalo wasekuqaleni okhuluma ngaye kawuvezi okuyikhona futhi kusetshenziswa nesiNgisi uma ulingiswa.