Nokubongwa Phenyane
LUKHUZA ibuya ngesizini yesibili uhlelo oluvumbulula amakhono entsha egxile emculweni wokholo, R&B ne-pop, oluqale ukukhonjiswa ekuqaleni kwalo nyaka kuMzansi Magic (161), i-Old Mutual Amazing Voices.
Abaka-Old Mutual bamemezele ukubuya kohlelo olungafuni nje amaqembu akuleli kuphela kodwa nawakwamanye amazwe okukhona kuwo iNigeria, Ghana, Kenya neZimbabwe.
Esitatimendini bathe abafuna ukuhlanganyela ohlelweni, oluzoqala ngonyaka ozayo, sebengaqala bangenele.
“Inhlolokhono izokwenziwa ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bangavakashela amakhasi ethu la bezothola khona yonke imininingwane njengoba kumele bafake i-video eyimizuzu emibili yabo becula, bese thina sizobe sesibuyela kubona ngeminye imininingwane.”
Baqhube bathi isigaba senhlolokhono kusengesokuqala, ngokuhamba kwesikhathi bazodedele eminye imininingwane.
Ngonyaka odlule ikhwaya iWanavokali yaseKenya, yadla umhlanganiso yakhala yemuka nemali engu-$100 000.
Ngonyaka odlule izwe ngalinye laqoka amakhwaya awu-12 okwathi kuwona kwakhethwa amathathu azongena ohlelweni aqhudelane namanye.
Amajaji nyakenye kwakunguBuhlebendalo “Soil Sister” Mda, Vusi Nova noZwai Bala.
Ababengabethuli bohlelo uThembisa Mdoda no-Elikem Kumordzie waseGhana.
LUKHUZA ibuya uhlelo uThembisa Mdoda ayelethula ngonyaka odlule i-Old Mutual Amazing Voices, oluzokhonjiswa kuMzansi Magic ekuqaleni konyaka ozayo Isithombe: TWITTER