Nokubongwa Phenyane
ABANTU abangakwazi ukukhokhela zonke iziteshi ezikhona kwiDStv bazothola ithuba eliyingqayizivele lokubukela umdlalo owuchungechunge iLegacy, oqale ngoMsombuluko kwiM-Net DStv (101).
I-Legacy inezinkakha zabalingisi okukhona kubo uSiyabonga Thwala, Don Mlangeni-Nawa, Kgomotso Christopher nabanye.
Ikhonjiswa ngo-7 ebusuku. Abangakwazi ukukhokhela zonke iziteshi zeDStv bazowubuka kuze kuphele leli sonto.
ULani Lombard wakaM-Net, uveze ukuthi kuyajabulisa ukuthi njengesiteshi babe nomdlalo wokuqala ofana nalona ovutshelwe ekhaya.
“Siyathemba abantu bazowujabulela kakhulu. Isiqephu ngasinye sizokhonjiswa imizuzu ewu-30. Inkampani iMultiChoice noM-Net, zithathe isinqumo sokuthi isiteshi iM-Net 101 sibe khona kuwo wonke umuntu kulezi zinsuku ukuze babone ukuthi umdlalo uphetheni,” kuchaza uLani.
Umdlalo ulandela umndeni odla izambane likapondo wakwaPrice.
“Ubaba wakhona, uSebastian Price, usekhulile futhi sekusondele ukuthi athathe impesheni. Oyedwa emndenini wakhe kumele athathe indawo yakhe. Indodakazi yakhe yokuqala enonya, iyona ebheke ukuthi ihambe ezinyathelweni zikayise njengomphathi wenkampani futhi yenza konke ukuthi ithole isikhundla. Kodwa umbuzo umile ukuthi ngempela ngubani ozogcina ephumelele ekutholeni isikhudla sokuphatha inkampani,” kusho uLani.
Uthe abanye abalingisi abakhona uDeon Lotz, Mary-anne Barlow, Michelle Botes, Anton David Jephta, Reandi Grey, Jay Anstey, Neil McCarthy, Dawid Minnaar nabanye.