IQALILE iSuperSport TV ukuqinisa isikwati sayo sabasakazi ngaphambi kwe-2022 Fifa World Cup ibuyisa uThomas Mlambo emhlwithe kwiSABC.
UMlambo wethulwe ngoLwesihlanu ekuseni kanti kuthiwa uzoqala ukubonakala kwaSuperSport ekuqaleni kwenyanga ezayo.
ISuperSport ikubeke kwacaca ukuthi ulandelwe hhayi nje ukusakaza kuphela kodwa ukuletha isithunzi kuzo zonke izindaba ezithinta ibhola kule nkampani.
“UThomas ungaphezu kokuba ngumsakazi osezingeni lomhlaba. Uyisibonelo somuntu ohlonipha umsebenzi wakhe,” kucashunwa uMarc Jury, oyisikhulu esiphezulu kwaSuperSport.
“Akekho ongazi ngokujula kolwazi lwakhe, ubumnene namancoko. Asisakwazi nokulinda ukumbona ezokwenza lokhu adume ngakho.”
UMlambo, oseke wasakaza imidlalo nemiqhudelwano emikhulu okubalwa kuyo nayo iWorld Cup, uzwakalise injabulo ngokubuyela “ekhaya”.
“KwiSuperSport yilapho ngiqale khona njengomsakazi wezemidlalo weTV. Leli thuba lokubuya liyangijabulisa kakhulu,” kucashunwa uMlambo.
“Sengikubheke ngabomvu ukuphinde ngihlangane nababukeli e-Afrika yonkana nokuba yingxenye yomunye wemisakazo emikhulu emhlabeni kwezemidlalo.”