UDawn Thandeka King uzolingisa indawo kaMkabayi, ongubabekazi kaShaka, emdlalweni Ushaka-Ilembe ozoqala kuMzansi Magic (161), ngoJuni wonyaka ozayo.
UThandeka ungomunye wabalingisi bakamuva abavezwe ngomunye wophrojusa balo mdlalo, uBongumusa Zungu.
NgoLwesine abezindaba bebemenywe ukuthi bahambele lapho kuqoshwa khona lo mdlalo eLanseria, eGauteng.
Kulolu hambo bakhonjiswe izigodlo ezihlukene okukhona kuso esaKwaZulu naKwaNdwandwe, la iSilo uShaka sachitha khona impilo yaso kakhulu.
UBongimusa uthe sebekubheke ngabomvu ukuthi abantu bakuleli bawubone lo mdlalo njengoba uzokhombisa umlando weSilo uShaka nesizoba izigaba ezintathu.
"Sizogxila kakhulu emlandweni wakhe ezalwa yiNdlovukazi uNandi nokuyindawo elingiswa nguNomzamo Mbatha. Sizophinde sigxile nakwabesifazane abamkhulisa okukhona kubo noMkabayi. Abaningi bebengakazi ukuthi le ndawo ilingiswa ngubani kodwa uThandeka nguyena muntu ozoyidlala," kusho uBongumusa.
Uthe bajabule ukuthi bakwazile ukuqopha ezinye izigaba zalo mdlalo eKZN ezindaweni okukhona kuzo iNkandla neHluhluwe.
"Asigcinanga nje lapho kodwa silande abantu abahlala emahostela bazosebenza nathi nokuyindlela esakhe ngayo amathuba omsebenzi. Siqhubekile salanda omama emakhaya bazosakhela lezi zindlu enizibonayo esisebenzela kuzona, umsebenzi omkhulu lo esiwenza lapha. Kuleli awukho umdlalo omkhulu ofana nalona osewake waqoshwa kule minyaka esikuyona manje, imidlalo emikhulu kanje sayigcina ngeminyaka yama-90s," kusho yena.
Uthe imali abayinikiwe ukuqopha lo mdlalo yevile ku-R90 million.
UNomsa Philiso wakwaM-Net uthe bebengeke baliyeke ithuba lokukhombisa umdlalo ochaza ngempilo yeSilo uShaka.
Uthe iSilo uShaka singomunye wabantu bakuleli abangamaqhawe okumele ahlale ekhunjulwa.
Uthe lo mdlalo uzogxila olimini lwesiZulu.
Muva nje, iSilo, uMisuzulu kaZwelithini, besihambele kule ndawo ophrojusa abaveze ukuthi kube yisibusiso kubona.