BAHLOSE ukusiza intsha yakuleli esemkhakheni wokulingisa nefuna ukukhula kulo mkhakha abakwaMTV, abathungatha abalingisi abasha bomdlalo iMTV Shuga.
Lokhu kuvezwe uMonde Twala oyimenenja kwaParamount noyingxenye yamajaji entsha ezoba nenhlanhla ilingise kulo mdlalo.
UMonde uthe bayathemba ukuthi njengoba ukuvalwa kwabafuna ukuba yingxenye yalo mdlalo kugcine ngoMsombuluko, bazobathola laba ababafunayo nabazogcina bebonakale kweminye imidlalo hhayi nje yakuleli kuphela kodwa nakweyamanye amazwe omhlaba.
"Senza lento okuhlala kushunyayelwa ivangeli layo kuthiwa asibe yimboni evulelekile.
Sijabule ngokuthi lo mdlalo uyabuya ngonyaka ozayo futhi uzoqhubeka nokukhuluma ngezihloko ezihlukene eziyisihlava emphakathini esiphila kuyona. Abazodla umhlanganiso bazohamba ezinyathelweni zabalingisi asebeke baba yingxenye yalo mdlalo okukhona kubo uLupita Nyongo, Thuso Mbedu, Malibongwe Mdwaba noSamkelisiwe Makhoba. Ngakho sifuna nayo intsha efuna ukulingisa ingaboni sengathi kudlalwa ngayo ngoba kulo mdlalo sesisize osaziwayo abaningi," kusho uMonde.
Uthe lo mdlalo okhonjiswa emazweni angu72 uyithuba elihle kulabo abayobe beqala ukulingisa.
"Siyobheka kakhulu laba abazobe bethi abakaze bathole ithuba lokulingisa. Ibona esifuna ukubagqamisa kakhulu ukuze nathi siziqhenye uma sesibabona bekude kulo mkhakha. Ngiyanxusa ukuthi nalabo abangalitholanga ithuba kulo nyaka, babheke ngonyaka ozayo. Igciwane iCovid-19 like lasibamba kodwa manje konke sekuvulelekile njengoba lo mdlalo udinga ukuthi sihambe kakhulu siye nakwamanye amazwe siqopha, manje sesikhululekile yingakho usubuya," kuchaza yena.
Uveze ukuthi okuningi bazoqhubeka nokukuveza ekuhambeni kwesikhathi.
Uthe bayaziqhenya kakhulu ngendlela umdlalo omusha iRedemption owamukeleke ngayo kuleli.
Izibalo zawo uthe bazozimemezela maduzane kwabezindaba.