UMETHULI wezinhlelo zethelevishini u-Andile Gaelesiwe, usola amaphilisi iGrand Pa, ngokuba nesandla ekufeni kukasinga-yise.
"Bafwethu, ngicela nitshele abantu ukuthi iGrand Pa yabulala ubaba wami. Ngiyobatshela emehlweni abantu abenza iGrand Pa.Uhlale uyiqalekela. Yadla isibindi sakhe yasiqeda."
Ekhuluma noDavid Mashabela kwiYouTube Channel, u-Andile uthe usingayise ubehlale ethenga iGrand Pa ezitolo zamaPakistan uma ehambise unina esontweni. Usingayise ka-Andile, uMnuz Dibetlela "McGyver" Gaelesiwe, wabulawa yisifo somdlavuza ngoJanuwari 2020.
Uthe nakuba kusolakala ukuthi adayiswa ngamaPakistan anobuthi kodwa umethuli wezinhlelo uthe nale engu ngqo ayifanele ukusetshenziswa ngabantu.
"Nodokotela bamazinyo bayakuxwayisa ukuba uze ungalokothi uyifake ezinyweni ngoba iyalibolisa," kubalisa u-Andile, wakhihla isililo ngesikhathi ekhuluma ngosingayise amchaze njengendoda eyayiqotho futhi inakekela umndeni wayo.
Isolezwe NgoMgqibelo libe selimthinta u-Andile ukuqinisekisa ukuthi usamile yini kula magama, waphendula kanje "Yebo ngikhulumile ngakho kwi-Podcast, kuyiqiniso. Ubaba ube-addicted kwi Grand Pa. Ibisimudle nesibindi imshise nangaphakathi."
Ebuzwa ukuthi bukhona yini ubufakazi obuvela kudokotola bokuthi usingayise wabulawa yiGrand Pa, u-Andile uthe abukho. "Kodwa yinto eyaziwayo vele ukuthi iGrandpa iyabulala. Ngisho ungabuza odokotela bamazinyo bazokutshela. Ngazenzela mina ucwaningo ngabona ukuthi yiyo embulele ngoba ubehlale eyisebenzisa," kuphetha u-Andile.
Okhulumela inkampani ekhiqiza iGrand Pa, uNksz Nomfundo Mgabadeli, uthe bebengakaze babikelwa ngalesi sigameko futhi bahlale bekhuthaza amakhasimende abo nongoti bezempilo ukuba baxhumane nabo.
"Thina eGSK Consumer Healthcare siyakuqikelela ukuphepha kwabathengi neziguli. Yonke imikhiqizo yethu, okubalwa kuyo neGrand Pa kuyaxilongwa kabanzi futhi kucutshungulwe ngabe South African Health Products Regulatory Authority (SAPHRA). Isixha ngasinye semikhiqizo yethu kufanele sibe seqophelweni eliphezulu ngaphambi kokuyodayiswa."
UNksz Mgabadeli uthe banendlela yokuhlola nokubuyekeza imikhiqizo yabo ngendlela ehambisana nezidingo zabathengi nezongoti bezempilo. Uthe iGrand Pa iwumkhiqizo ophephe ngendlela exakile.
"Thina sihlale sinxenxa abathengi ukuba balandele imiyalelo nemigomo yokusebebenzisa iGrand Pa." Kuzokhunjulwa ukuthi u-Andile wahlukana kabuhlungu noyise omzalayo emuva kokumdlwengula.
Uchaze uyise ongamzali njengobaba obeyikho konke kuye. "Ubaba wayengesiye usozigidi kodwa wayeyikho konke imali eyayingeke ikuthenge. Indlela ayethanda umama wami futhi emnakekela, emvikela emalungeni omndeni wakhe owawungahambisani nokushadelwa ngumama. Evikela nathi madodakazi awathatha ngesikhathi eshada umama."