UBUKEKE edidekile, kwehla izinyembezi kuZama Khumalo ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi unqobe ama-Idols SA izolo ebusuku.
UZama, waseMalahleni eMpumalanga, ubesebanga isicoco noLungisani "Mr Music" Mthethwa waKwaMbonambi, eRichards Bay.
"Ngibusisekile, ngiyabonga kakhulu bantu baseNingizimu Afrika," kusho uZama.
UMr Music uthe uyaziqhenya ngokufinyelela kulesi sigaba somncintiswano.
Onqobe iWooden Mic kube nguMbefu Njengempisi, owenza inhlolokhono eThekwini. Wayezama ukucula ingoma kaNelly iDilema.
UZama uthatha isicoco kuLuyolo Yiba wase-Eastern Cape owanqoba ngonyaka odlule futhi oculile izolo.
Ngokudla umhlanganiso wesizini ka-16 wama-Idols SA, uZama uzuze inkontileka yokuqopha eKalawa Jazmee, R1 million ongukheshi, imikhiqizo yakwaSamsung kaR150 000, imoto iToyota Starlet, izimpahla zokugqoka zikaR100 000 kwaTruworths, isithuthuthu esincane sikaR120 000, izinsimbi zomculo zakwaYahama nokunye.
Omunye wabadidiyeli bomncintiswano, ongumethuli wohlelo, uProVerb umemezele ukuthi amavoti angenile sekusele uZama noMr Music angaphezu kuka-29 million. Uthe awesizini yonke eqile ku-180 million.
Izolo uhlelo luvulwe ngababekwiTop 10. UZama ucule ingoma kaBeyonce ethi Sweet Dreams ngaphambi kokulandela kukaMr Music nengoma kaMbongeni Ngema iS'timela SaseZola.
Baphinde babuya uhlelo seluzophela bacula ngokuhlanganyela ingoma kaThami ongasekho ethi Letting Go, apike kuyo uBrenda Mntambo.
Abanye abebenandisa ngoDJ Zinhle noLoyiso, Cassper Nyovest, Nomcebo Zikode noMaster KG, Ami Faku, Mzansi Gay Choir, Busiswa, owanqoba umncintiswano ngonyaka odlule uLuyolo, uVusi Nova nejaji uSomizi nabanye.
Ngonyaka ozayo uProVerb uveze ukuthi inhlolokhono izokwenziwa online ngeke babe khona olayini. Uthe bazomemezela ezinkundleni zoku