UNGENISE kakhulu umdlalo omusha iGqeberha: The Empire owavala isikhala se-The Queen kuMzansi Magic.
Umdlalo ukhuluma ngendoda ebukeka inakho konke, wumndeni, wuthando, imali, amandla, wudumo nenhlonipho.
Lona wesilisa, uLuzuko Mxenge (Mbulelo), ushadelwe yisithembu samakhosikazi amathathu, okunguBulelwa (Zikhona Sodlaka), Zimkhita (Zandile Msutwana) noNozuko (Kay Bikitsha) futhi ufuna owesine u-Anathi (Akhenime Mfenyana).
UZikhona Sodlaka, odlala indawo yenkosikazi yokuqala emndenini wakwaMxenge, yintokazi lena eyaziwayo ngekhono layo lokudlala ngenkotha, ikakhulukazi emidlalweni lapho ikhuluma isiXhosa,
Kulezi zinsuku ididise abaningi ngesikhathi ikhuluma ulimi olungajwayelekile lwesiXhosa futhi olungavamile ukuzwakala noma ukwaziwa.
Uphenyo luveza ukuthi lolu limi alusebenzisile lwaziwa ngesiDubada.
UPhumi Ngobozana, ongumhleli wolimi lwesiXhosa uthi lolu wulimi oluthathwa njengoluyimfihlo.
Isibonelo: Yiza apha = Yidizada adaphada
“IsiDubada wulimi olwalusetshenziswa wosisi noma ngabantu abadala uma befuna ukukhuluma into eyimfuhlo, bengafuni ukuthi izingane ziyizwe,” kusho yena.
Uthi wulimi lolu akhule lukhulunywa wosisi abadala e-Eastern Cape, kodwa muva nje, usanda kuzwa abantu baseQgeberha bethi nabo bayasazi isiDubada. Uthi njengoba esezinze eKapa, uqaphelile ukuthi abantu bakhona abangamaXhosa kabasazi isiDubada.
Okuhlabe abantu abaningi umxhwele ngale nkulumo kaZikhona wukuthi ukhuluma eshesha into engazwakali kodwa, abasaziyo isiDubada bakwazile ukuchaza ukuthi wubethini.
My Xhosa people please come and translate for me .uthini usisi apha ? pic.twitter.com/bTyIlRNPvV
— Bongiwe Indlovukazi 🌕 (@BIndlovukazi) March 15, 2023