OMASKANDA bamanje bazohleka bodwa njengoba sekunohlelo oluzogxila emculweni wabo olusihloko sithi Future Maskandi kuTrace Africa ngemiSombuluko ngo-7 ebusuku. Lolu hlelo, oluzobe lwethulwa ngumrepha uZulu Makhathini wodumo kwiDreamTeam, luzophindwa ngoLwezithathu ngo-2 emini nangeSonto ngo-7 ebusuku. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba, omaskanda abazovela kulolu hlelo ngabenza umaskandi wezikhathi zamanje.
Kubona kubalwe uMzukulu, Mnqobi Yazo, Lwah Ndlunkulu, Big Zulu nabanye. "I-Future Maskandi wuhlelo oluzoqoshelwa e-studio bese kuba neziqeshana ezizobe zishuthekwa. Lolu hlelo lwenziwe ngenhloso yokwethulela izihlwele umculo wamaciko angenisile kumaskandi. Inhloso yalolu hlelo akukhona ukubaveza kodwa ukubungaza amaciko ahlanganisa umculo kamaskandi nesigqi samanje."
Siqhuba isitatimende sithe lolu hlelo luzoqala ukusakazwa kusukela ngo-Okthoba 3. Khonamanjalo, kunohlelo oluzayo oluzobe lugxile ekunikezeni oDJ abasafufusa nasebemnkantshubomvu ithuba lokuveza amakhono abo olubizwa nge-Afro Tech Is Life. Lolu hlelo luzokwethulwa kusasa ngo-7 ebusuku bese impinda ivezwa ngoLwezine ngo-8 ebusuku. Olunye uhlelo oluzokhonjiswa kulesi siteshi ngoluthi The Re-Introduction ngoNovemba. Lesi siqophamlando sizobe sibheka kabusha izindaba ngezingwazi zabaculi abangasekho abanjengoBrenda Fassie noFela Kuti. Laba baculi bazobe bethulwa ngabamanje abangoJ Something, Langa Mavuso, Rouge, Sarkodie, Moozlie nabanye.
Lolu hlelo luzosakazwa ngeSonto ngo-6 ebusuku bese impinda iba ngemiGqibelo ngo-12 kuTrace Urban. Luzobuye lukhonjiswe kuTrace Africa ngemiGqibelo ngo-3 ntambama bese impinda iba ngo-1.30 ebusuku nangoLwesithathu ngo-10.30. Owumqondisi weTrace e-Afrika eseningizimu, uValentine Gaudin-Muteba, uthe inhlosongqangi wukugqugquzela abaculi bamanje ukuba bakhiqize umculo onohlonze.
*Lezi zinhlelo zizobe zisakazwa kwiTrace Urban (DStv Channel 325) nakwiTrace Africa (DStv Channel 326).