I-Netflix iyanqaba ukufaka iziteshi ze-TV ezilawulwa umbuso eRussia nokuyinto okumele le nkampani iyenze ngokomthetho wakhona.
Lo mthetho obekumele ngabe uqale ukusetshenziswa yile nkampani kusukela ngomhla ka 1 Mashi uthi uma inkampani inamalungu angu-100 000 abhalisele ukubuka izinhlelo zayo kumele isakaze mahhala izindaba nezinhlelo zokungcebeleka zalelo zwe.
“Njengamanje asinazo izinhlelo zokwengeza lezi ziteshi ngaphansi kwenkampani yethu,” kusho abeNetflix ngesitatimende. Yize kunjalo, iNetflix izoqhubeka nokusakaza ezinye izinhlelo eRussia njengokujwayelekile.
Lokhu kulandela imibiko yokuthi zingaphezu kuka-20 izinkampani zezindaba zamazwe ngamazwe esezijoyine uswinyo lwe-Russia ngokuvala iziteshi zayo zethelevishini. Lokhu kwenziwe ngemuva kokuba iRussia ihlasele i-Ukraine ngesonto eledlule.
Kuleli, abe-Icasa bazwakalise ukushaqeka ngemuva kokuthi abe-Multichoice bekhiphe isitatimende sokuvala isiteshi saseRussia kwiDStv.
Abe-Icasa bathi bafuna ukwazi ukuthi kungani i-Multichoice ithathe isinqumo sokuvala izinhlelo zaseRussia ngaphandle kokuba ibazise.
“Uphiko lwethu lwezamalayisensi alukaze luthole umbiko kwabakwaMultichoice obazisa ngokunqamula le-channel ezinkundleni zeDStv,” kusho usihlalo we-Icasa uDkt Keabetswe Modimoeng, oqhubeke wathi umphakathi uyadinga ukwazi ngezizathu zokuthathwa kwalesi sinqumo.
Lokhu kuvela ngemuva kokuba abakwaMultichoice bephumele obala izolo ngokuvala isiteshi se-Russia Today ku-407.
“Ukuswinywa kweRussia yi-European Union kuholele ekutheni abasabalalisi besiteshi emhlabeni wonke bayeke ukusakazela bonke abebenalesi siteshi, okuhlanganisa neMultiChoice," kusho okhulumela iMultiChoice.