UMLINGISI obalwa nabanye asebemnkantshubomvu endimeni uNolwazi Ngubeni, uthi usekwamukele ukuthi indodakazi yakhe ayimbuki kuthelevishini.
UNolwazi useke wabonakala emidlalweni eminingi kanti wenza ezibukwayo kwiScandal asijoyine ngonyaka odlule.
Uthe indodakazi yakhe eneminyaka engu-14 iyanqaba ukubuka imidlalo alingisa kuyona kanti indodana yakhe eneminyaka emine isanda kwembuleleka ngokuthi wenza muphi umsebenzi.
“Indodakazi ayiyibuki nhlobo imidlalo engivela kuyona ngoba ithi ayimazi lo wesifazane esuke imbona kwithelevishini, kanti indodana isathuka uma ingibona kwithelevishini,” kuchaza uNolwazi.
KwiScandal ekhonjiswa ku-e.tv ngo7.30 phakathi nezinsuku, ulingisa indawo kaMbali Kubeka, owenza noma yini ukugcina umyeni wakhe ejabulile.
Exoxa nephephandaba, uthe uyayithanda indawo ayidlalayo ngoba ikhuluma ngento ebalulekile yengcindezi ebhekene nabesifazane mayelana nokuthola izingane.
“Ziningi izinto ezenziwa ngabesifazane ekusithekeni ngoba benzela ukugcina isimo esithile emndenini noma ebudlelwaneni babo. NoMbali akahlukile kithina ngezinto esizenzayo ukuze impilo iqhubekele phambili,” kuchaza uNolwazi.
Akagcini ngokuba phambi kwekhamera kodwa uyi-casting director futhi uyiStrategic Partnerships Lead (Sub-Saharan Africa) kwiTikTok.
“Phambilini bekujwayelekile ukuthi ngithole izindawo ezipholile ukuthi ngizilingise kanti ngizithandela izindawo eziphehla udweshu emdlalweni. Kuyintokozo ukuthi ngithe ngibuya emuva kokuhlaba ikhefu, ngithole izindawo ezihlukile kunalezo ebengaziwa ngazo ekulingiseni,” usho kanje.
UNolwazi uneminyaka eyisithupha eshade noMzwandile Ngubeni, naye okule ndima yezikaqedisizungu. Uthe ubonga nomyeni wakhe owamkhulula ukuthi enze noma yikuphi angakwenza mayelana nemisebenzi, inqobo uma kumjabulisa yena.
Phakathi kwemidlalo namafilimu aseke abonakala kuwona kubalwa i-A Place Called Home, Scandal, Mzali Wami, Otelo Burning, Mtunzini neminye.