UMLINGISI uNozuko Ncayiyane, uthi kuningi okufanayo phakathi kwakhe noNokuthula "Nox" Jele, okuyindawo ayilingisa emdlalweni omusha wethelevishini iDiepCity.
UNozuko (29) wasePort Shepstone, udlala indawo yentombazane egqekeza imizi ukuze ixoshe ikati eziko futhi inakekele umndeni. Kungakapheli nesonto umdlalo uqalile, nabantu bakuleli sebechazekile yikhono likaNozuko futhi bathi kufanele awole izindondo ngale ndawo. Umlingisi uthi okwenza kube lula ukudlala indawo kaNox, wukuthi uyazi kahle impilo azalelwe kuyo. Uthi uvele akhumbule impilo yakubo esakhula. Echaza uNozuko uthe okufanayo ngabo ukuthi bobabili baphuma emindenini edla imbuya ngothi futhi uyayazi impilo yasemagogogweni.
"Okunye esifana ngakho ukuthi singabaholi, singamakhosazane emakhaya futhi sihlale siqhamuka nezixazululo. Siyathanda ukuvikela nokunakekela abantu esibathandayo," kubeka uNozuko.
Nakuba kunjalo, uNozuko uthi okumenza ahluke kuNox wukuthi unobufana nendlakadla uma enza izinto.
"Yingakho egqekeza, entshontsha futhi ekhanda izimoto. Yisimo akhulele ngaphansi kwaso esimenze waba yilo muntu anguye. Kanti mina ngiyintombazane ezilungele nje,“
Yize uNozuko ekulangazelele ukuklonyeliswa ngezindondo ngale ndawo kodwa uthe kuye azikho mqoka. "Ngisuke ngingenzeli ukuwina izindondo uma ngilingisa kodwa ngisuke ngikhombisa ikhono lami futhi kunodaba engiluxoxayo. Ngenza umsebenzi engabusiswa ngawo wuNkukunkulu. Yizibusiso engisuke ngizibheke kakhulu ngoba yizo ezingaheha neminye imidlalo."
Inkonyane ayithuki isisinga kuNozuko njengoba eseke walingisa indawo ka-Ayanda kuSkeem Saam ngo2015, ekaPhindile kwiScandal ngo-2016 nekaLumka emdlalweni owawuthi Abomama ngo-2018.
Empeleni ukulingisa wakuqala eseneminyaka engu-14 futhi usebuya emidlalweni yeshashalazi embalwa okubalwa, othi Talking Spirits ePlayhouse ngo-2013, Anti-Christ eBaxter Theatre eCape Town ngo-2013 nothi Sugary Spice e-Olive Tree naseStable Theatre ngo-2014.
Ukuvela kwithelevishini okukuqala kwenzeka ngo-2015 ngesikhathi elingisa indawo ka-Ayanda, kwiSkeem Saam. Kusukela lapho akaphindanga wabheka emuva futhi akaconsi phansi kubabukeli beDiepCity ekhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku ngo8.30 ebusuku. Eqinisweni iDiepCity ingene esikhundleni seSibaya.