KUNCONYWE kwabongwa abalingisi nethimba labadidiyeli bomdlalo wethelevishini owuchungechunge, iThe River obekusongwa isizini yawo yesihlanu izolo.
Kusongwa isizini yesihlanu yalo mdlalo nje, ngonyaka odlule abakwaM-Net bamemezela ukuthi isizini yesithupha ezoqala ngoMsombuluko, kuzoba ngeyokugcina njengoba umdlalo umiswa.
Kulo mdlalo sekushiye abalingisi abanohlonze, okunguHlomla Dandala obenguZweli Dikana, Lawrence Maleka obenguZolani Dlamini, noTango Ncetezo obenguPaulina Dlomo. Umqondisi wezinhlelo ezivutshelwe kuleli eM-Net, uShirley Adonis, ukhiphe isitatimende abasenze ngokuhlanganyela nomdidiyeli omkhulu walo mdlalo, uPhathu Makwerela weTshedza Pictures, izolo.
UShirley ubonge abalingisi nethimba labadidiyeli beThe River ngokuyibamba ishisa insimbi eminyakeni emihlanu edlule.
“Ukusebenza kwabo kanzima nangokuzinikela nobuchule, yikho okulethe impumelelo kulo mdlalo.”
UShirley uthembise ukuvalelisa ezibukelini ngegiya eliphezulu.“Umsindo uzoba mkhulu kakhulu futhi ubusezingeni elicokeme ukundlalela usuku lwamanqamu,” kuphetha uShirley.
UPhathu uthe bebazi ukuthi bafuna ukuphetha imbenge ngezinga eliphezulu, ngesikhathi besungula iThe River eminyakeni eyisikhombisa eyedlule.
“Kwisizini yesithupha sibone kufanele ukuba siqede udaba lwezintandokazi zabalingiswa, ngendlela yethu futhi nezibukeli zisathokozela umdlalo. Njengoba nesisho sithi umdansi omuhle ngohlale azi ukuthi uphuma nini esteji. Ngakho isikhathi seThe River sesiphelile,” kuphetha uPhathu.