Nokubongwa Phenyane
Kule filimu ethi How To Ruin Christmas: The Wedding, kuzogqama osaziwayo abahlukene nabanye abalingisi abasafika kulo mkhakha.
Izokhonjiswa izigaba ezintathu kulesi siteshi.
URethabile Ramaphakela ongomunye wabasunguli befilimu, uthe kungathi ngokokuqala bekhiqizela lesi siteshi ifilimu njengoba bengangabazi ukuthi basebenze kanzima ngakho abantu bazoyijabulela.
“Ukuqopha ngesikhathi seCovid-19 bekuyinto engelula njengoba bekushintshe okuningi singayijwayele nendlela ebesisebenza ngayo. Kodwa engingakusho wukuthi le filimu kuze kwaba sekugcineni siqikelela konke okuthinta imiyalelo kahulumeni ngegciwane. Besenza konke ukugcina abasebenzi nabalingisi bephephile ukuze senze ifilimu ibe yile nto ezobonakala iyiyona uma isiphumile,” kusho uRethabile.
Uthe izobonisa impumelelo yokuxoxa izindaba ezehlukene ezenzeka e-Afrika yonkana.
“Siyabonga kubaxhasi bethu abenze konke okusemandleni ukuthi sixoxe indaba ebesinombono ngayo. Okujabulisayo wukuthi siqophe ifilimu ezojabulisa abantu ngesikhathi samaholidi, angiyiphathi-ke eyethalente elikhona kuyona liyamangaza,” kuchaza yena.
Uthe okunye okube yinjabulo wukuthi iNetflix iyamukele ngezandla ezimhlophe ifilimu.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, ifilimu igxile ezintokazini ezimbili uTumi Sello (Busisiwe Lurayl) nodadewabo uBeauty Sello (Thando Thabethe).
UTumi uyingane ehlala idumaza umndeni wayo ngaso sonke isikhathi.
Kulo nyaka ukhetha ukubuyela ekhaya ukuzodla nabo amaholidi ngemva kweminyaka ahamba kanti ufika kulungiselelwa umshado kadadewabo uBeauty.
Ukufika kwakhe izinsuku ezintathu kona izinto eziningi okuphoqa ukuthi umndeni uqale phansi amalungiselelo.
Abanye abalingisi abakhona kulo mdlalo ngoNandi Nyembe, Motlatsi Mafatshe noTrevor Gumbi.