LUBUYE ngezinkani uhlelo oluthandwa abaningi olubonisa impilo yabashadile abasebancane uThando noSiyacela Dlamuka.
Emasontweni adlule, Isolezwe labika ngokuthi lolu hlelo luzobe lushisa bhe ngoba luza nokuhlukile kulokhu okuke kwabonakala phambilini.
ULindiwe Mbonambi, weMoja Love, uthe uhlelo luzoqala lukhombise uThando esakhulelwe kuze kufike isikhathi sakhe sokubeletha.
“Bazovela sebezimele njengoba sebehlala eThekwini bengasahlali nabantu abadala. Kuzovela ukuthi baphila kanjani njengoba impilo isibhekene nabo ngqo. Uhlelo luzogxila kakhulu ekutheni bazikhulisa kanjani bona futhi bayithola injani impilo yokuzimela. Bazokhombisa ukuthi kube njani ukuqala umndeni futhi isimo sinjani njengoba bengasekho oLundi phambi kukaDlamuka nomndeni wonke,” kusho uLindiwe.
Uthe okunye okuzogqama ohlelweni yizingqinamba uThando abhekene nazo ezingase ziphazamise indlela eya phambili njengoba efuna ukuqhubeka nemfundo.
NgeSonto ebusuku, kuqale isizini entsha yohlelo, Isencane lengane kwiMoja Love. Kumangale ababukeli abaningi kuvela izindaba zokuthi uThando ongumakoti kaSiyacela akazange aphase u-matric wakhe.
Le ntokazi iveze izindaba zokuthi ifeyilile kulolu hlelo futhi izimisele ukulanda isitatimende sayo ukuze ibhale kabusha izifundo ezifeyilile.
Okudide abaningi wukuthi ekuqaleni kwalo nyaka, kwavela izindaba zokuthi le ntokazi iphase ngamalengiso futhi isendleleni ebheke enyuvesi.
Ababukeli banikele ezinkundleni zokuxhumana beveza ukukhathazeka kwabo ngalezi zithandani nokuthuthuka kwempilo kaThando njengoba esefeyilile esikoleni.
@Jabu_Macdonald: Ngiphoxekile ukuthi uThando ufeyile u-matric, ngisola uSiyacela ngalokhu.
@zetzst_zandi: UThando uzohlezi ekhetha uSiyacela noma yinini futhi yilokho okuzomwisa empilweni. Ukufeyila u-matric akumkhathazi kodwa uma sekufika ingane, izinkinga zakhe zizoqala lapho. Ngiyamzwela.
Phindi Sotobe: Hhawu nina kanti imuphi lo Thando enanithi uphase ngamalengiso?