ABALANDELI befilimu ethi Happiness is a Four Letter Word, bazokujabulela ukuzwa izindaba zokubuya kwale filimu esishintshe igama njengoba isizokwaziwa ngeHappiness Ever After.
Ifilimu i-Happiness Ever After, izoqhubeka lapho kwagcina khona i-Happiness is a Four Letter Word, njengoba ibophele abalingisi okukhona kubo uKhanyi Mbau noRenate Stuurman.
Ifilimu yakamuva isuselwe encwadini ethi Happiness Ever After, ebhalwe uNozizwe Cynthia Jele.
UNozizwe uveze ukuthi le filimu izoqhubeka ithathe izinhliziyo zabantu abaningi njengoba ibheka izihloko ezimnandi okukhona kuzo ezithinta uthando nobungani.
“Kodwa ke kulokhu ababukeli bangalindela isiphetho esihle njengoba kuzoba khona abantu abazoba sothandweni olusha, okuyinto ababukeli abangayilindela ngamehlo abomvu njengoba kuzoba yinto ebingalindelekile nezoshiya abaningi bemangele,” kuchaza yena.
UKhanyi Mbau uveze ukuthi yize ifilimu yokuqala ihlukile kancane kule ncwadi okususelwe kuyo eyakamuva, kodwa ukubuya kwabalingisi abadala kuzokwenza ithakaselwe futhi basheshe babone ukuthi iya kuphi.
“Abakubona kwifilimu yokuqala nale entsha kuzobajabulisa kakhulu njengoba kuzoba yinjabulo yodwa ehambisana nezigigaba ezehlukene. Sifuna ukuthatha ababukeli nabalandeli bethu sibanike into entsha. Abantu ababuka ifilimu ethi Happiness is a Four Letter Word uma sekuqala le bazobuyiselwa eminyakeni emihlanu edlule ngokuthi kwagcinaphi bese siya kokusha okuqhubekayo manje,” kuphetha uKhanyi.
AbakwaNetflix baveze ukuthi bamatasa baqopha le filimu manje eGoli, futhi maduze bazomemezela ukuthi izobonakala nini esiteshini sabo.