Mbali Khanyile
LUZOBUYA ngegiya eliphezulu uhlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic olukhuluma ngempilo yomndeni wakwaRanaka.
I-The Ranaka’s engaconsi phansi kwabaningi ngenxa yezigemegeme ezihlekisayo nezidabukisayo ezenziwa ngamalungu alo mndeni, kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa kuDStv 161, ngoJanuwari 7 ngonyaka ozayo.
Kule sizini yesine uNtate Ranaka nenkosikazi yakhe uMama Siba bazobonakala beqhamuka nezindlela ezintsha zokuqinisa ubudlelwano nezingane zabo okungoManaka, Dineo, Mpumi, Mzingisi noRanaka ngokusho kukaNomsa Philiso onguMqondisi wezinhlelo zezokungcebeleka kuM-Net.
“Sekuphele iminyaka emithathu yenza izimanga inkampani ekhiqiza lolu hlelo, i-Ranaka’s by Brains At Work Media ngomsebenzi wayo omuhle nothandwa kakhulu yimindeni ehlukene yakuleli. Abantu bazoqhubeka nokubona izigemegeme nokuklwebhana kwalo mndeni. Ababukeli bazobhema bakholwe kukho konke abazokubuka kulolu hlelo ngonyaka ozayo,” kusho uNomsa.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwisizini yesithathu lo mndeni uvule indawo yokudlela yize uqale wabhekana nezingqinamba mayelana nezinsiza zokuvulwa kwayo. Ababukeli baphinde babona uMpumi ebuyisana nodadewabo uDineo abaxanaba naye kule sizini. UManaka yena wayebhekene nenselelo yokuzama ukuzihlolisisa ngenxa yezigameko ebezimphazamisa empilweni yakhe. UMzingizi wayematasa nezinhlelo zokushadelwa nesinqandamathe sakhe uMichelle kwisizini edlule. Umfowabo omncane, uRanaka ubejwayele ukubonakala enza imkhuba ekhubaza abazali bakhe emoyeni futhi ewuhlupho.