CHARLES KHUZWAYO
IZIQEPHU zocansi ezisematheni namanje, phakathi kukaZandile (Khanyi Mbau) noNkosana Zulu (Mondli Makhoba), sezifake iHlomu: The Wife obishini. Kuzokhunjulwa ukuthi kusuke igidigidi eliyinqaba ngesonto eledlule ngesikhathi kubonakala uNkosana noZandile benqunu nqu futhi benza zonke izinhlobo zocansi ongase uzicabange. Nakuba izitho zangasese bezingabonakali kodwa izinqe zabo namabele kaZandile bekuhlezi obala.
Yize uKhanyi noMondli bezithethelela ngokuthi kwakungelona ucansi lwangempela futhi umphambili wawungangeni kwinanazi ngoba kwakukhaviwe kodwa kwakuwubuchwepheshe babathwebuli, kodwa iFilm and Publication Board (FPB) seyiqale uphenyo ngenhloso yokuhlonza ukuthi ayikho yini imithetho ebekiwe ephuliwe. Ibhodi ize yanqumela ugwayi katiki iMultiChoice, okuyinkampani ephethe isiteshi esisakaza lo mdlalo, iShowmax, ukuthi zingapheli izinsuku eziyisikhombisa ingaphendulile ngalokhu.
Ngokusho kwesitatimende seNhloko esaBambile kule bhodi, uMnuz Mashilo Boloka, iShowmax, sinesivumelwano nebhodi esibalawula ukuba iziqephu zabo zihambisane nemithetho yebhodi. Uthe lokhu kwenzeka ngokuthi abadidiyeli bomdlalo baqondanise indikimba yomdlalo wabo neminyaka yabantu okufanele bayibukele. UBoloka uthe uma kuwukuthi isiqephu esidlaliwe sasingafanele ukubukwa ngabantu abaneminyaka ebhalwe emdlalweni, "iFPB inamandla, ngokomthetho oyisigaba-18J we-FP Amendment Act, okuguqula umgomo wokubukwa kwanoma yimuphi umdlalo," kusho uBaloka. Njengoba ingxenye yalezi ziqephu zocansi sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, uBaloka uthe bakhathazekile ngalokho ngoba zizogcina seziba nomthelela ongemuhle ezinganeni ezisezinkundleni zokuxhumana.
Ephawula kwiSolezwe NgoMgqibelo, oyiNhloko yezokuXhumana kwiShowmax, uLaura Cooke, uthe sebeyazi ngesitatimende esenziwe yiFPB ngeThe Wife. "Zonke izinhlelo zethu zihambisana nemigomo yeFPB. Sizoyithumela impendulo yethu kuFPB singakashayi isikhathi esinqunyelwe sona," kuphetha uLaura osahlabe ikhefu emsebenzini.