INHLANGANO yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), idilize abasebenzi abangu-621, iningi labo eligcina namhlanje.
Le nhlangano yamemezela ukuthi izodiliza abasebenzi ukuzama ukwehlisa izindleko.
I-SABC ithe abasebenzi abangu-346, yize kukhona eminye imisebenzi abebengafaka izicelo zokuyenza, banqume ukuthi bathathe imali yabo bahambe.
"Abanye bebekhathazeke ngomthelela wokwehla kwemali abebezoyihola okudalwe ukubuyekezwa kabusha kwamaholo nempesheni," kusho umkhulumeli wale nhlangano obambile, uMmoni Seapolelo.
Uthe abasebenzi abangu-275 bebenza imisebenzi esivaliwe futhi abanye bazamile ukufaka izicelo zemisebenzi kodwa bangaphumelela.
Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi kuqale izinhlelo ezintsha emisakazweni yale nhlangano kusasa njengoba kwenziwa izinguquko.
Abasakazi beMetro FM uLuthando "Lootlove" Shosha noPearl Modiadie sebevalelisile futhi uPearl uyagcina kuleli sonto.
KuKhozi FM kuthiwa ungoti wengqephu uSwenka Chiyi, usevalelisile kozakwabo njengoba naye egcina emsebenzini.
UDJ woKhozi FM uSihle "DJ Mngadi" Mngadi uthathe isinqumo sokushiya.
UMngadi, odume kakhulu ngokuqhulula ama-mix kulesi siteshi uqashwe njenge-digital specialist okunguye owengamele amakhasi ezinkundla zokuxhumana zoKhozi kanjalo ne-website.
"Sibaningi esithole izincwadi nami ngingomunye wabo. Akukhona ukuthi isikhundla sami asisekho kodwa sishintsha igama futhi kwehle nomholo njengoba iSABC izama ukonga imali. Noma ngingazi ukuthi imali ibizokwehla kanjani kodwa ngithathe isinqumo sokuthi ngihambe," kusho uMngadi obesehlale iminyaka engu-15 kuKhozi.
Uthe njengamanje uzogxila emculweni futhi uhlela ukukhipha i-EP yakhe yokuqala aphinde asayinise nabanye abanethalente enkampanini yakhe.
"Uyazi ukuphuma kuKhozi kuyisibusiso ngoba kuzonginikeza ithuba lokungena noma yikuphi. Uma umataniswa nesiteshi omunye angakubona kukuhle kodwa nokuvaleleka kuyenzeka. Uthi ufuna ukuyophusha umculo kube nzima ngoba igama lakho limataniswa nesiteshi esithile," kuchaza yena.