Nokubongwa Phenyane
I-SABC isiveze ukuthi akukho ezinhlelweni zayo ukuqeda ngomdlalo iMuvhango, ekhonjiswa phakathi nezinsuku kwiSABC2, ngo-9 ebusuku.
Lokhu kulandela imibiko yamaphephandaba angempelasonto aveze ukuthi izikhulu zakwaSABC zifuna ukuwuchitha.
Imibiko iveze ukuthi okuzenze zathatha isinqumo ukuthi awusenzi kahle kubabukeli.
Ukuhamba kombhali wemidlalo ehamba phambili uPhathu Makwarela nomlingisi uSindi Dlathu kuvela ukuthi kwashintsha izinto eziningi kuwona.
Ababukeli kubikwe ukuthi behle kakhulu kunaseminyakeni engu-10 edlule.
Obambe njengokhulumela iSABC uMmoni Seapelo, uwachithile amahlebezi okuqedwa komdlalo.
“Zonke izinhlelo ezingaphansi kukaSABC sibheka ukuthi izinombolo zababukeli zihamba kanjani, izindleko ezichithwa kulowo mdlalo zimi kanjani nokuthi ngabe usakazelwa abantu abahambisana nawo yini.
“Uma kuza kulo mdlalo sijabule ngakho konke yingakho sisanda kusayina inkontileka yokuthi uqhubeke ukhonjiswe enye isizini,” kusho uMmoni.
Kuvela lezi zindaba nje inkampani ekhiqiza umdlalo iWord of Mouth Pictures isanda kwethula umphathi omusha wayo uMandla KaNozulu.
Le nkampani eyasungulwa uDuma Ndlovu isikhiqize imidlalo okukhona kuyo iMuvhango, Imbewu: The Seed, Uzalo, Ingozi, Soul City neminye.