INTOKAZI yakuleli ezakhele igama yethula izinhlelo zethelevishini, uFarieda Metsileng, iyona ezolingisa indawo ephambili emdlalweni omusha wamahlaya othi uBettina Wethu.
Lo mdlalo osuselwe kowamahlaya othi Ugly Betty osungulwe e-USA, uzoqala ngo-Ephreli 5 ngo-7.30 ebusuku ngoMsombuluko kuze kube uLwesithathu.
Kulo mdlalo wakuleli kuzobe kukhulunywa izilimi ezihlukene.
Abanye abalingisi abamenyezelwe noFarieda kubalwa uZweli Dube, Tsholofelo Mashishi, Linda Jiyane, Coconut Kelz, noZaza Moloi.
UTshepiso Sello Phiri onguphrojusa walo mdlalo ngaphansi kwenkampani iKnown Associates Entertainment, uveze ukuthi baqale ukuthungatha abalingisi bawo ngonyaka odlule ngesikhathi sikathaqa ezweni.
“Kusithakaselise kakhulu ukuthola izicelo zabalingisi abadumile nabanye abasafika kulo mkhakha. Yingakho kulo mdlalo kuzogqama ubuso obusha nobudala futhi kuzogqama izinhlanga ezihlukene zabantu bakuleli. Ngesikhathi senza inhlolokhono, sathatha abalingisi abaningi ukubheka kahle ithalente nokunika ithuba lomlingisi othi yena akaze abizwe kwinhlolokhono, konke kwahamba kahle njengoba sesilana namhlanje,” kuchaza uTshepiso.
Uveze ukuthi isililo esasikhalwa intsha yakuleli ngaphansi kwesiqubulo esithi #OpenTheIndustry, basebenze ngaphansi kwaso.
“Ngesikhathi senza inhlolokhono asitholanga nje kuphela intsha yakuleli kuphela kodwa neyakwamanye amazwe njengoba konke babekwenza ngobuchwepheshe besimanje. Ubuso obusha kulo mdlalo kuzokwenza abantu bawuthakasele lo mdlalo njengoba ugcwele intsha,“ kuchaza yena.
Umphathi weSABC1, uPhumzile Zonke, uthe kuyabathokozisa ukubiza lo mdlalo owabo njengesiteshi.
“Indlela lo mdlalo oyiwona kwamina ungimangazile, kusetshenziwe kakhulu kuwona ngesikhathi uqoshwa. Njengenhlangano yezokusakaza enkulu kuleli nase-Afrika, senza okusemandleni ethu ukuletha imidlalo ekhuluma ngento eke yenzeke ngempela kwabanye abantu. Nakulokhu ke kuyisiqalo sezinto ezinkulu esisazozimemezela kubabukeli bethu okukhona kuzo ezobumnandi, ezemfundo nokunye,” kuchaza yena.
Abanye babalingisi abakulo mdlalo oMichael Potter ( Brandon Thomas), Elliot Makhubo (Israel Sikhakhane), Mbasa Msongeli (Mpilo Hadebe), Brighton Ngoma (T-Bang Moeketsi), Ayanda Bandla (Lakhe Amon) nabanye.