Nokubongwa Phenyane
INTOKAZI yaseNewlands East, eThekwini, uPhumzile Mseleku (23), odume ngelikaNdoni ohlelweni ama-Idols SA, ithi ibisilahle ithemba lokuthi izongena esigabeni esaziwa ngeTop-10.
UNdoni ube ngowokugcina ukubizwa ohlwini lwabadlulele phambili ngeSonto ntambama.
Uthe ngesikhathi belindile ngemuva esteji, bebezixoxela ukuze bengalokhu becabanga ngokuzokwenzeka.
“Ithemba lokuthi ngizodlulela phambili belikhona kodwa belibuye lihambe ngokushesha ngoba abantu ebenginabo bengazi ukuthi bayacula kakhulu. Kungijabulisile ukufika kulesi sigaba kodwa ngilahlekelwe abangani akade sesinobuhlobo nabo okube buhlungu uma sengibabona behamba.”
Uthe ngesikhathi engena kwinhlolokhono wayengathembi ukuthi uzofika kulesi sigaba. Wake wayenza inhlolokhono ngo-2013 kodwa wangaqhubekela phambili.
“Ngathatha isinqumo sokubuyela ngizozama inhlolokhono okwesibili nginezingqinamba ezinkulu. Nganginovalo lokuthi ngizojikiswa ngenxa yokuthi ngikhulelwe, okwesibili ngake ngazama kwabheda kodwa kulokhu izinto zivele zashelela njengoba ngibelethe kahle ngo-Agasti uhlelo lusamile ukuqopha. Manje bheka ngikuphi uJehova uhambe nami futhi waba muhle esifisweni sami sokuba kulolu hlelo.”
Uthe indodakazi yakhe uyikhumbula zonke izinsuku kodwa ukuxhumana nomndeni wakhe ngobuchwepheshe besimanje kumsize kakhulu.
Amajaji anxuse bonke abaphumile ukuthi baqhubeke nomculo ngoba benekhono elimangalisayo.
NgeSonto akekho ozophuma ngoba bonke bezobe beculela amavoti.