UBONGA isikhathi asichithe nabeSibaya umlingisi owafika ezolingisa isikhashana kulo mdlalo kodwa wagcina esehlale iminyaka emine, u-Asavela Mngqithi.
Ebhala ezinkundleni zokuxhumana u-Asavela, olingisa indawo kaNtwenhle kwiSibaya uveze ukuthi wangena ngenkontileka yezinyanga eziyisithupha kuphela kulo mdlalo ozophela maduze. U-Asavela ugcine esengomunye wabalingisi abaqavile kulo mdlalo kulandela ukushiya kukaNomzamo Mbatha (Thandeka Zungu) noJessica Nkosi (Qondi).
“Okwakumele kube yizinyanga eziyisithuba kwiSibaya kuphenduke iminyaka emine yenjabulo nokufunda. Namanje angikholwa ukuthi ngizethule kwithelevishini kwiSibaya,” kuloba u-Asavela.
Ubonge uBongani Gumede ngendima ayidlalile empilweni yakhe wathi ukulingisa indawo yendodakazi yakhe kulo mdlalo kuyiguqulile impilo yakhe. Lo mlingisi uqhube wabonga nabakhiqizi balo mdlalo iBomb Productions.
Muva nje abalingisi abaningi bayavalelisa kulo mdlalo ezinkundleni zokuxhumana ngokunjalo nezikhulu zesiteshi iMzansi Magic.
Abalandeli balo mdlalo bona sebebala izinyanga njengoba kulindeleke ukuthi ngoMashi nango-Ephreli kuqedelwe iziqephu zokugcina. Abantu balokhu bebalise njalo ezinkundleni zokuxhumana ngokuphela komdlalo besawuthanda. Abanye baveza ukuthi bese bevele benele, sebejahe ukubona ukuthi kuzodlalani esikhundleni seSibaya.