INTOKAZI esizakhele igama emkhakheni wethelevishini nomsakazo, uPenny Lebyane, izobonakala yethula uhlelo lwethelevishini kusuka ngoMsombuluko, esiteshini iHoney (173).
UPenny uzokwethula uhlelo oluthi Sangoma Khanyisa, oluzokhonjiswa ngo-6 ntambama kulesi siteshi.
Ngemuva kwalo, kulandele olunye olusha oluthi My Horror Love Story ngo-6.30, ngosuku olufanayo. Zombili lezi zinhlelo yizona ezintsha eziqala kule nyanga ezethulwe yisiteshi iHoney.
Ohlelweni oluthi Sangoma Khanyisa, uPenny uzohlangana nesangoma umkhulu Rametsi nokunguyena ozohlolela abantu ababhekele izinkinga abafuna ukusizwa ngazo.
Ekhuluma ngalolu hlelo, uPenny uthe luhambisana nesikhathi esiphila kusona njengoba abantu ziziningi izimpendulo abazidingayo empilweni.
“Abantu bazophenduleka kwezinye izinto ezingakholakali, ezihlale zizwakala ngezangoma. Bazofunda kakhulu kulolu hlelo ngezinto ezingalona iqiniso ezizwakala ngabantu abayizangoma. Abantu bazobe bedinga usizo ngokushesha futhi bedinga izimpendulo ngenxa yokuthi basuke behlupheke kakhulu begubuzelwe yizinkinga,” kusho uPenny.
Uthe umkhulu Rametsi, uzobasiza bathole inkululeko akade beyidinga futhi abanye uze abatshele ukuthi ngubani obalethela usizi empilweni yabo.
UZinzi Velelo ophethe lesi siteshi uthe kuyabajabulisa ukwethula uhlelo iMy Horror Love Story.
Uthe ohlelweni, abesifazane abekade bekholelwa ekutheni basothandweni, bazobonakala kulona bechaza ngezigameko ezaqeda ubudlelwano bezothando abebekulona.
“Bazogonyuluka ngokuthi bebeshaywa kanjani ngabesilisa abebethandana nabo, abanye ababadubula, abanye babalimaza kanzima emzimbeni. Bazobe bebhoboka ngabesilisa ababekholelwa wukuthi bayohlukaniswa wukufa nabo,” kusho uZinzi.
Uthe bajabule nangendlela uhlelo, i-7 Colours, olwethulwa nguLillian Dube noMoshe Ndiki olwenza ngayo njengoba bevakashela imizi ehlukene.
“Zombili lezi zinhlelo zithatha enye indlela kulesi siteshi, futhi sikujabulele kakhulu ukwethula kwazo. Esikubheke kakhulu ukuthi ababukeli besiteshi bazozamukela kanjani,” usho kanje.