CHARLES KHUZWAYO
UKUGXEKWA ngapha nangapha kwesizini yesibili yeThe Wife:Zandile The Resolute sekwenze abadidiyeli balo mdlalo ozigcawugcawu futhi okhonjiswa kwiShowmax bathembisa ukukhuphula amasokisi eziqeshini ezizayo. Oyinhloko yezinhlelo ezikhiqizwa kwiShowmax, uCandice Fangueiro, ukuqinisekisile ukuthi sezifikile nakubo izikhalo zababukeli. Uthe nomakanjani bazozisukumela ngokushesha.
“IShowmax neStained Glass bayayihlonipha imibono yabantu maqede bayisukumele. Siyazi ukuthi ubaluleke kanjani umdlalo kubabukeli bethu. Ngakho siyazibophezelela ekukhiqizeni iziqephu ezihlabahlosile ngenhloso yokujabulisa abalandeli bethu,” kuphetha uCandice.
Uphendula kanjena nje uCandice ababukeli bakhwele badilika kubadidiyeli balo mdlalo bekhala ngokwehla kwezinga lesizini yesibili ekubeni bebemagange emuva kokuchazwa ngeyokuqala.
Akuphoxekanga ababukeli kuphela kodwa nomlingisi oqavile womdlalo, uKhanyi Mbau, naye uthe amathe abuyele kwasifuba kuye.
Ebhala kuTwitter, uthe njengomuntu oyifundile incwadi kaDudu Busani-Dube, ubelindele ukulingisa konke okwenzeka kuyo. Uthe abadidiyeli benzele phansi abalingisi nababukeli.
"Encwadini uthola kunothando, ukufensana nocansi. Udaba lumayelana nokubekezela nokunqoba. Yingakho sibona senzelwe phansi."
Uthe isizini yesibili iZandile: The Resolute ayinikezanga ababukeli uthando nobudlelwano obanele kuZandile nakuNkosana (okuyindawo elingiswa uMondli Makhoba). Yingakho nonke niphoxekile, nami futhi."
Uthe mkhulu kakhulu umehluko phakathi kwamasizini womabili.
"Isizini yokuqala beyinazo zonke izinongo zothando unkosikazi angazithokozela esithandweni sakhe. Sibabonile beshada futhi basinikeze wonke umuzwa wothando."
Uthe ubelindele ngamehlo abomvu ukubona i-50 Shades of Grey edidiyelwe ngemvubelo yase-Afrika.
"Yilokho ebengikubuka ngamehlo engqondo. Isililo senu sizwakele futhi ngiyasiqonda. Noma kunjalo siyabonga ngokuwa nivuka nathi futhi nokuthembeka emdlalweni nasesiteshini. Imibono yenu isho lukhulu kimi njengomlingisi, ngiyabuzwa ubuhlungu enibuzwayo," kusho uKhanyi.
Yize uKhanyi ekhuluma kanje kodwa abadidiyeli nombhali wezincwadi bakuveza ukuthi ngeke kufane konke okuqukethwe kodwa kuzokuba nezinguquko lapha nalaphaya.
Nakuba sebechazile kodwa abantu baqhubeka nokudemelayisa bebona umdlalo uphuma eceleni okukajosaka ezincwadini zikaDudu. Abanye baze balibeka ngembaba elokuthi lo mdlalo ubulala ikhono likaDudu.
Ngesikhathi kuqala isizini yesibili laba likhulu isasasa kangangoba yaze yaphula irekhodi leyokuqala ngokubukwa isibalo esiphindwe kathathu. Ngokuhamba kwesikhathi baqalile abantu ukwehlelwa yisasasa ngawo.