Kule filimu ohleka iqala ize iyophela, kuboshelwe uMpukane “Flaimotion” Makhanya, uSimphiwe Shembe, Amawele AseChesterville, Churchboy, Ndlebe, Charles Mthethwa, Master, Tsoro, Ngabade nabanye abaningi.
UMpukane Makhanya umdidiyeli wefilimu egcwele izigameko ezihlekisa nomuntu ecashile, uthe inhloso yabo ukukhuthaza abantu ukuthi bafake izifonyo, bageze izandla ngezibulalimagciwane futhi baqhelelane uma bendawonye.
“Sithe uma sibona osomahlaya bebulawa yindlala futhi bengawutholi nomxhaso kuhulumeni, saqhamuka nala mathuba omsebenzi ukuze baxoshe ikati eziko,” kuchaza uMpukane.
Uthe le filimu eqoshelwe eClermont, ikuthatha ikubeke ngephara (indawo elingiswa nguNdlebe) elihlukumeza umphakathi kangangokuthi uzizwa ungaphephile.
“Kuqhamuka mina, ngiwuvikele kuleli phara. Ifilimu imnandi futhi ifanele ukubukwa ngabantu beminyaka ehlukene bese makhaya. Ayinanhlamba namikhuba.”
Uthe izokhonjiswa kusukela ngoSepthemba 4 -6 ngo-7 ebusuku.
“Abantu bengayibuka kuma-smartphone, smart TV nakumalaptop emakhaya nasemahhovisi.”
Amathikithi aseqalile ukudayisa ngoR70 kodwa emuva kuka-Agasti 23 azobe esebiza uR80 bese ngoSepthemba 3 abize uR100 ePick * Pay nakuma-webticket.
“Senzela ukuthi abantu basheshe bathenge amathikithi kusenesikhathi,” kuphetha uMpukane ongumsakazi weGagasi ohlelweni lwango-12 emini.
Ucele osomabhizinisi ukuthi babaxhase ukuze bakwazi ukusiza osomahlaya kulo bunzima ababhekene nabo.